Iphini likaSomlomo, ngiyaxolisa ukukumemeza, bekungafanele ngikumemeze, okokuqala thina njengeNkatha Yenkululeko, sithi, laba bantu abafuna umsebenzi kufanele bahlungwe kahle ukuze izigebengu zingangeni kulo msebenzi. Ngoba isigebengu esisodwa senza ukuthi amaphoyisa abukeke eyizigebengi wonke. Kanti akhona asebenza ngokuzimisela, asebenza kanzima aze afele emsebenzini. Izigebengu zimbalwa nje. Ngakho-ke izigebengu asibhekane nazo ngqo.
Okwesibili, mhlonishwa, Phini likaSomlomo, besithi bekungakuhle ukuthi uma umuntu kutholakele ukuthi kukhona akwenzile-unecala, kufanele ukuthi ayohlala ekhaya kubo. Ahlale kubo kunesikhathi esibekiwe ukuthi uzohlala isikhathi esingakanani. Angalokhu ehola imali kahulumeni ebeqethuka evuka ngo 10h00, alale ngo 18h00. Ngoba lokho kwenza ukuthi imali kahulumeni engenzi lutho kanti umsebenzi ukhona, futhi abanye abantu bayawudinga umsebenzi.
Ngakho-ke izinyathelo kufanele zisheshe kakhulu futhi ziphumelele. Amaphoyisa lawo agcwele ubugebengu mhlonishwa, Phini likaSomlomo, ngihlale ngisho zonke izinsuku, awagxoshwe emaphoyiseni. Ngoba ngeke sibe nezigebengu ezingamaphoyisa, ngoba iphoyisa uma lingqongqoza kwami kufanele ngithembe. Uma kungqongqosha iphoyisa eliyisigebengu, ngeke ngithembe.
Okukugcina, ngihlale ngisho ukuthi amaphoyisa kufanele siwahlunge siwenze ukuthi angabi kwezombusazwe, angasebenzisi futhi ezombusazwe, angalekeleli umbusazwe othuli phezu kweminye. Kufanele asebenze ngokuzimisela njengamaphoyisa ukugada wonke umuntu ezweni. Awayeke ukuhlukumeza abantu abangenacala. Awabambe izigebengu okufanele azibambe, Nyambose! (Translation of isiZulu speech follows.)
[Mr V B NDLOVU: Deputy Speaker, pardon me for shouting at you - I was not supposed to shout at you. Firstly we, as the IFP, are saying that these people who are applying for this job must be thoroughly scrutinised so that people with criminal intentions cannot access this sector as one such person can incriminate the whole Police Service. There are police officers who are very committed to their work and even lose their lives in the line of duty. There are very few criminal elements in the Police Service. Therefore let us face criminals directly.
Secondly, Deputy Speaker, if someone is alleged to have committed a crime, we propose that they be suspended. Their suspension should not be indefinite, to prevent them from earning the state's money whilst lying on their backs doing nothing - waking up at 10h00 and going to bed at 18h00. Because that would be wasting the state's money on someone who is doing nothing whilst there is work that is supposed to be done and there are people who need that job.
Therefore, there are steps that need to be taken quickly and they need to be successful. The criminal elements within the Police Service should be fired- I mention this every day, Deputy Speaker. We cannot afford to have police officers who are criminals, because if a police officer knocks at my door I must trust him. But if it is a criminal police officer who is knocking at my door, I cannot trust him.
Lastly, I always say that we should scrutinise police officers and ensure that they are apolitical, that they do not use political means to gain something and that they also not assist any political party in any way. As police officers they should commit themselves to looking after everyone in this country. And they must refrain from harassing innocent people. They must catch criminals as they are supposed to, Nyambose!]