Ake nithule kancane, ake nithule. [Uhleko] Ngiyabonga Sihlalo, bengicela ukubuza la kuPhiko lweziNhloli, kunemadlana ethe thuthu, kanti kukhona okudla amantshontsho emsamo. Ingabe mhlawumbe Nyambose kulokhu kukhuluma okukhona okuningi laphaya - ngoba-ke kuPhiko lweziNhloli ngeke sikhulume ngabantu kodwa ngezinto - mhlawumbe kuzokusiza yini lokhu kufakwa kwemali ethe xaxa laphaya?
UNGQONGQOSHE WEZAMAPHOYISA: Cha, ukukhuluma bayokhuluma nje ngoba phela kuhlezi kukhulunywa, Boya beNyathi. Uma singaphika nezinkulumo ngeke sifike ndawo; okusemqoka wukuthi lolu Phiko lweziNhloli lubaluleke kakhulu kumaphoyisa ewonke. Uma sizophumelela ekulweni nobugebengu ezweni lakithi kubalulekile ukuthi siluqinise lolu phiko. Awuvumelani nalokho? Cha ungasukumi, nqekuzisa-nje noma unikine ikhanda, ungasukumi. [Uhleko.]
Ngakho-ke ngithi yinto ebalulekile ukuthi ngaso sonke isikhathi sazi iqiniso eliwukuthi amantshontsho asemsamo lawa owashoyo Gatsheni, laba abaluqaphile lolu Phiko bebengakasho lutho ngawo. Yizinkulumo nje ezikhona emaphepheni. Nawe kuyakhulunywa ngawe Ndlovu, ngeke sakuqeda lokho. Siyabonga. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Be quiet for a moment, be quiet! [Laughter.] Thank you, Chairperson. May I ask a question regarding the Intelligence Unit? There is a substantial amount of money, yet there is something fishy going on. Is it perhaps Nyambose doing lots of talking there, because in the Intelligence Unit we can't talk about people but about things. Is the increase in the amount of money there going to help you?