Sihlalo, ngizothanda ukukhumbuza amaqembu aphikisayo ikakhulukazi i-DA, ukuthi ezinkathini eziningi benza izinto bese beyalibala ngoba bengoLibala.
Eminyakeni eyedlule i-ANC yathi kuhulumeni wogimbela kwesakhe makayeke ubandlululo bakhe amathuba emisebenzi. Impendulo nangempela ngokungananazi baletha izimonyo ezifana no-Ambi kanye noKarro; amakha, o-cc noma i-country club. Yingoba babecabanga ukuthi i-ANC ifuna abantu bazimonyonge babemhlophe.
Izolo lokhu i-ANC yaphinda futhi yathi ohlelweni lokubuyisana makukhuthazwe ukuqamba kabusha izakhiwo, imigwaqo, njalo njalo futhi makubuyiselwe emakhaya izinsalela noma amathambo amaqhawe kanye nabanye abashonela ngaphesheya - okufaka phakathi nomama u-Sarah Baartman.
I-DA yaphendula yathi loko kuzobangela izindleko ezinkulu. Uma sibabuza ukuthi nangempela uSarah Baartman angalethwa ekhaya na? impendulo kwathiwa, ingabe sizomvusa na? I-ANC yase isebenzisa ubuningi bayo eNdlini yesiShayamthetho ukufeza amaphupho ezakhamuzi zakuleli - okufaka phakathi umphakathi wamaKhaladi, abaMhlophe, wamaNdiya, kanye nabanye abaMpisholo
Indaba kaJimmy Manyi angazi noma bekwenziwa ngoba bekuyisikhathi sokhetho yini, kodwa kuyiqiniso ukuthi ... (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr M P SIBANDE: Chairperson, I would like to remind the opposition parties, especially the DA, that in most cases they do things and then forget because they are forgetful.
Some years ago the ANC told the government that it did not have the interests of all the people at heart and to stop discrimination and create jobs. Their response of course without a doubt was to bring face ointment such as Ambi and Karro, and perfumes like Country Club. They thought the ANC wanted people to lighten their complexion.
The ANC recently made a call in its reconciliation programme to encourage the renaming of buildings, roads etc, and to return the remains of the heroes including those who died abroad, such as Ms Sarah Baartman.
The DA responded by saying that this would be too costly. When we asked them whether Sarah Baartman could be brought home, instead we were asked if we would bring her back to life. The ANC then used its majority rule in the National Assembly to fulfil the dreams of the citizens of this country, which includes the coloured community, whites, Indians and all the other black people.
As for the issue of Jimmy Manyi, I'm not sure whether it was because of the local elections but the truth is that ...]
... the ANC is the only organisation which is concerned about any race - not you, as was being projected by the media. I will leave it there. In the private sector, it was you who laid the foundation of what is happening now because the budget we are dealing with now ... [Interjections.]