Sekela Somlomo, ngiyathokoza kakhulu, kunemali lapha mhlonishwa eyizigidi eyi-R10,5 yezimpahla nezinsiza efakiwe kodwa yase iyancishiswa lapha kubasebenzi. Ezinsizeni zokwenza uphenyo nokuqinisa umthetho kanti yilapho kufanele kube khona abasebenzi. Kwenzeke kanjani lokho ngoba kukhona amafemu adla izimali zabantu ngokungafanele?
UNGQONGQOSHE WEZABASEBENZI: Ubaba mhlonishwa uNdlovu, angiyazi lemali akhuluma ngayo ngoba uma sikhuluma ngokulinganisela sikhuluma ngezigidi ezingama-R28 ezifakelwe iKhomishana Yokubuyisana Nokulamula [i-CCMA] ukuze ibhekane namacala aphambu kwayo njengoba kunezidingo.
Okwesibili, ukulinganisela okuyizigidi eziyi-R19 ezabelwe ukukhutshulelwa amaholo abasebenzi ngesivumelwano okwafinyelelwa kuso, ngephesenti lokukhuphula kanye nesibonelelo zezindlu Ngiyabonga Sekela Somlomo. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Madam Deputy Speaker, I am very delighted because an amount of R10,5 million has been granted for facilities, but it is not enough to appoint investigators to do investigations to strengthen law enforcement. How did that happen as there are factories that are unlawfully taking people's money?