Chairperson, I hope you will protect me from the Minister of Defence and Military Veterans, because she insists that since Walter Sisulu University is in trouble, I must not call it by its full name. I must simply call it WSU and I should only call it Walter Sisulu when we are talking about positive things that are happening in that institution. I will try and abide by that. [Laughter.]
Bab'uMpontshane ngicela ukhumbule ukuthi lesi sabelomali esikhuluma ngaso, yilesi sangalo nyaka wezimali. Akusona esangonyaka ozayo. Kunezimali esizifake njengoba bengichaza, ukuze sinyuse ikakhulukazi, ingqalasizinda kanye nezinye izinto ezidingekayo kulezi zakhiwo zakithi.
Njengoba ngakuthembisa uzowubona umehluko kulo nyaka ozayo. Ngithemba ukuthi uzoqala umenyezelwe nguMongameli uqobo lwakhe, uMsholozi, bese umenyezelwa nguNgqongqoshe weZezimali ngoba njengamanje sisebenza udaba lokuthi lezi zindawo okungekho kolishi, okungekho lutho kuzona siya kanjani kuzona ukuyokwakha amanye amagatsha amakolishi akithi. Yileyonto esilwela ukuthi yenzeke uma kuqala unyaka ozayo.
Uma unyaka ozayo uqala, siza nezindaba ezinhle kakhulu zobuchwabalalana, wena khululeka. Okwamanje besisabheke lokhu kwangalo nyaka, othi wena awukuboni lana. Empeleni uma ubheka, kukhona. Sinezimali esizinike izifundazwe, ngoba manje nisateleka nifuna sithathe imali yamakolishi weMfundo ePhakeme kanye nokuQeqesha sinike izifundazwe izimali ukuze zikwazi ukuyosiza ekutheni zimiselele lama kolishi.
Into yokugcina engifuna ukuyisho ukuthi uMnyango wami njengamanje usuhambe zonke izifundazwe, ubheka lawa makolishi abekade esebenza ngaphambili kodwa angasasebenzi namuhla, kanye namakolishi afuna ukuvuselelwa. Okuyizinto zonke ezizongena kulobu buchwabalalana bonyaka ozoqala. Siyabonga. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Hon Mpontshane, please remember that this budget that we are talking about is for this financial year. It is not for the next financial year. As I have explained, there are monies that we added so that we can improve the infrastructure and other items that are needed in these buildings. As promised, there is going to be a difference next year. I hope that it will first be announced by the President, Msholozi, himself, and then by the Minister of Finance, because we are dealing with the matter of how we will get to the places where there are no colleges, where there is absolutely nothing, so that we can build other campuses. This is what we want to achieve come the beginning of next year.
At the beginning of the coming year, we will present good news on the budget, just relax. For now, we are focusing on this year's matters which you say you do not see. In fact, if you take a good look, you will see that there is something. Funds were allocated to the provinces, but you are still on strike. Now you want us to take the funds that were allocated to the colleges of higher education and training and give those funds to the provinces so that they can build those colleges.
Lastly, my department has been to all the provinces, looking for colleges that were operating before, which are no longer operational, as well as colleges that needed to be renovated; these are the things that are going to be included in next year's budget. Thank you.]