Chairperson, hon Minister, most of the time we find provinces struggling to implement what we call unfunded mandates. One of these unfunded mandates is the incentive which was promised to teachers who are teaching in rural areas-monetary incentives.
Angazi noma kungigejile yini uma ngibuka isabiwomali kanye nesibonelelo angiboni lapho izifundazwe zisizwa khona ukuthi zigcine lesi sithembiso esenziwa kothisha ukuthi bazokhokhelwa ubuchwabalalana labo abafundisa ezikoleni ezisemakhaya. Kwenzakalani lapha mhlonishwa? Ngiyabonga.
UNGQONGQOSHE WEMFUNDO EYISISEKELO: Sihlalo, inkinga yothisha abasebenza ezindaweni zasemakhaya ayikabikwa kangako ukuthi iyinkinga kodwa into engiyaziyo ukuthi siyakhuluma nezifundazwe ngoba sifuna ukuyiphendula lendaba yesibonelelo sasemakhaya ngoba iyasihlupha. Othisha basuka eLimpopo bathathe isibonelelo sasemakhaya bahambe amakhilomitha ama-2 beya esikoleni, bashayele amahora amabili ngoba bengafuni ukuhlala ezindaweni zasemakhaya. Ngakho sesicabanga ukuthi senze ukuthi into yokubaheha kube yizindawo zokuhlala, kungabi yimali ngoba imali ayikwazi ukuphathwa kahle.
Okunye bayakhetha ukuthi bayofundisa khona ezindaweni zasemakhaya uma esethole isikhundla esisesigabeni sesibili usephindela emuva ngoba uyazi ukuthi ngeke asakwazi ukuyijika, aphindele emuva esephethe isikhundla esiphezulu. Lesi sibonelelo sinezinkinga eziningi kungakho sixoxa ngaso ukuthi singenzenjani ukukhuthaza othisha ukuba bafundise ezindaweni zasemakhaya, bahlale khona hhayi emadolobheni. Bahamba ekuseni uma kushaya ihora lokuqala abasabambeki sebejahe ukuphindela emuva ngoba bahlala kude ekubeni befundisa ezindaweni zasemakhaya. Siyazama ukuyilungisa le ndaba ngoba ngendlela ebihleleke ngayo ayisebenzi kahle. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[I am not sure whether something has eluded me because when I look at the budget and the incentives, I do not see where the provinces are being assisted in keeping the promise that was made to the teachers who are teaching in the rural areas, that they were going to be given monetary incentives. What is happening in that regard, hon Minister? Thank you.