Thank you, Chair. The report shows that in our procurement expenditure for the last quarter, 85% of the total procurement of this province went to black-owned enterprises - 85% of our expenditure! [Applause.] It is through those mechanisms that we can really make a difference in helping the SMME sector to grow and so play our part in the challenge to create those five million jobs, which the President has put to all of us. [Applause.]
UMntwana M M M ZULU: Sihlalo, uNgqongqoshe woMnyango weziMali kuleli lizwe lakithi eNingizimu Afrika, abahlonishwa bonke abakhona, mhlonishwa Ngqongqoshe kuMthethosivivinywa woKwabiwa kweZimali zeZwe [Division of Revenue Bill] yisikhathi lapho okwazi khona ukuthi wabele yonke imikhakha kahulumeni - njengoba sinemikhakha emithathu kahulumeni kuleli lizwe lakithi - izimali ngendlela elinganayo.
Kukhona okuye kungiphazamise njengendoda yakwaZulu. Uma ngabe uthi uhulumeni kazwelonke uwunikeza ama-47,3%, uhulumeni wezifundazwe uwunika ama-44,0% bese kuthi komasipala lapho kukhona khona abantu ngempela bese uthi ubanikeza ama-8,7%. Kuyangikhalisa ukuthi mhlawumbe siyolokhu siba neshwa lokuthi ezweni lakithi kuhlale kunezibhelu esingeke sikwazi ukuziqonda kahle.
Uma ngiqala ngicabanga ngokuthi kukhona engifisa kuthuthukiswe kuye kufike engqondweni yami umasipala oseduze nami. Kulukhuni ukuthi ngigijime ngiye kuhulumeni wesifundazwe ngithi kukhona okushodayo, uye ubuke lokhu okuseduzane nawe. Mhlonishwa Ngqongqoshe, ngomunye unyaka wezimali kuyofanele ukubhekelele ukuthi omasipala njengoba bengama-233 ezweni kufanele babelwe kanjani izimali. Mhlawumbe kungancishwa thina ezingeni likazwelonke kunoma kuncishwe laba abantu abasemakhaya kulolu daba lokwabiwa kwezimali.
Ngiyazi ukuthi akuwona umsebenzi wakho ukuthi ukhiphe le mali bese uyayelusa ukuthi isetshenziswa kanjani. Kuyofanele ukuthi phela lo Mnyango WamaPhoyisa egameni likahulumeni wokubambisana - phela sesifile ngamasela kuyo yonke imikhakha kahulumeni - ubheke ukuthi lezi zimali ziyakwazi yini ukusiza abantu bakithi ngendlela okuyiyonayona.
Okunye okungikhathazayo kakhulu emoyeni wami ukuthi ingabe leliya phupho elihle kangaka elalishiwo ngumhlonishwa uMongameli lokuthi kufanele kwakhiwe izindawo zomsebenzi, lingafezeka yini uma kusekhona imali eyizigidigidi ezingu-2,47 obuye uyilande ezifundazweni ibuyele kuwe ezingeni likazwelonke ngoba kuthiwa kusuke kungahlelwanga kahle. Ngiyacela- ke ukuthi uma senihlangene ngaphansi kwephupho likahulumeni wokubambisana nikwazi ukuhlela kahle ukuthi lezi zimali zisetshenziswe ngendlela efanele, lapho bonke abantu bayahlomula kuzo kunokuba zilandwe futhi ziphinde ziyobekwa ethala noma zibuye zihlahlelwe noma zabiwe kabusha futhi.
Ngiyazi ukuthi kulukhuni kangakanani ukubhekana nezinkinga esibhekene nazo kuleli lizwe kodwa ngiyethemba ukuthi kulo nyaka wezimali mhlawumbe kukhona lapho esizokufeza emva kweminyaka eyi-17, kubonakale ukuthi abantu bakithi bayakwazi ukuphucuzeka.
Abantu bakithi emakhaya bayakhala ngoba kuncane kakhulu okuya kubona. Uma ngingakutshela nje ngomasipala oseduze kwami okuthiwa iNkandla, imali okufuneka ukuthi ukwazi uyisebenzisa ukubhekana nezidingo zabantu baseNkandla abangaphezulu kwezinkulungwane ezingama-255, iyizigidi ezingama- 39. Iyonanto eye ingikhathaza kakhulu emoyeni ukuthi ingabe siyababhekelela yini labo omasipala. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu speech follows.)
[Prince M M M ZULU: Chairperson, Minister of Finance, all hon members present, the Division of Revenue Bill allows you to allocate revenue equally to all three spheres of government.
Something is always worrying me as a Zulu man. What makes me complain is when you say you will be allocating 47% to national government, 44% to provincial and local government, but where there are many people you allocate only 8,7%. Maybe we will always be faced with service delivery protests that we will not understand.
If I think about the areas to be developed, the municipality where I reside comes to mind. It's difficult to mention provincial government and say there are shortcomings there, so one always looks at the nearest local place. Hon Minister, in future you will have to look at how best you can allocate revenue to the 233 municipalities of the country. Perhaps you could give us, as national government, less than the rural people in terms of revenue.
I know it is not your task to allocate money and to monitor how it is being used. It is necessary for the Department of Police, in collaboration with the government, to check if these monies are utilised properly to the benefit of our people, as theft and corruption is rife.
Another worrying factor is whether we will realise that wonderful dream the President had of creating more jobs if about R2,47 billion is returned to National Treasury just because it is said that no proper planning was done at the lower levels to use it. I therefore request that when you meet in the dream government of national unity, you must be able to plan well so that these monies are well used to benefit all our people, rather than for it to be reclaimed, or kept, or even reallocated.
I know how difficult it is to deal with the challenges that we are faced with in this country, but I hope that with this year's Budget we might perhaps achieve something after 17 years and show that our people can develop.
Our people in the rural areas are complaining because very little is allocated to them. Let me tell you about the municipality of Nkandla, which is close to me. The amount of money required to service those more than 255 000 people is R39 million. This is exactly what worries me and makes me wonder if we really care about these municipalities. Thank you.]