Sihlalo, Ngqongqoshe ukhuluma into enkulu uma uthi abantwana abazelwe ababhaliselwe izitifiketi zokuzalwa, kuthi abantu abangenabo omazisi bababhalise manje.
La ngakhulela khona eBonjini eSoweto, lapho abantu abazalelwa khona kungekho ngisho umtholampilo noma isibhedlela - umuntu angabi nasicucu nje esithi wazalelwa lapho.
Ngabe uMnyango kaNgqongqoshe uzokwenza kubelula yini ukuthi abantu bakwazi ukuthola usizo, kuthi nongakaze asonte kungashiwo ukuthi aye kumfundisi ngoba akamazi umfundisi? Ngabe uMnyango wakho uzokwazi yini ukwenza kube lula ukuthi abantu bakwazi ukubhalisa basizakale, njengokuthi amaLungu ePhalamende, amakhosi, noma amakhansela, akwazi ukusiza abantu ngokuthi babhaliseke? Ngoba inkinga ukuthi kunabantu abazalelwe ezindaweni ezisemakhaya ezingenayo imitholampilo noma izibhedlela. Ngalokho-ke kungabibikho sicucu sokuthi wazalwa, kodwa bube bukhona ubufakazi bokuzalwa, ukuthi ubani uzalwa umabani nobani. Ngiyathokoza. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr B W DHLAMINI: Chairperson and hon Minister, what you told us here is very good when you said that newborns should receive birth certificates and that people who do not have IDs should register now to receive them.
In some places like Bonjini, Soweto, a place where I grew up, people give birth to children without the necessary facilities like clinics or hospitals, and people do not have any form of identification as proof of having been born in those places.
Could your department make it easier for people to receive assistance, and that even someone who has never belonged to any church should not be referred to a minister of religion of some church as they do not have any? Could your department make it easier for people to be registered and can Members of Parliament, amakhosi, or councillors assist in getting them registered? I am saying this because there are people who were born in places where there are no clinics or hospitals. Therefore, they have no proof of existence whilst there is testimony of having been born, that so and so was born to Mrs and Mr so and so. Thank you.]
I will cautiously make a follow-up, Chair.
UNGQONGQOSHE WEZASEKHAYA: Ngiyabonga Lungu eliHloniphekileyo. Yebo, empeleni sesiqalile ukukwenza lokho. Senze amahhovisi angomahamba nendlwana. Siqale eSisonke naseLusikisiki. Uma ngabe umuntu efika engenasicucu simthumela emakomidini esiwakhile esisebenza nawo kulaba bomahamba nendlwana, ukuzama ukusheshisa. Lawa makomidi akhiwe ngabantu abahloniphekile abakhona emphakathini. Ngizokwenzela isibonelo nje, elinye ikomidi linabantu ababengothishanhloko asebethatha umhlalaphansi, abafundisi, kanye nabanye abantu abanesikhathi asebathatha umhlalaphansi, ngoba sifuna ukuthi lo mkhankaso usheshe.
Uma siphuma ngalaba omahamba nendlwana, nekomidi liba khona. Esikhundleni sokuthi uma ubhalisa kuthiwe hamba uyolanda lokhu, nalokhuya, uyaye uhlolwe ubuzwe imibuzo khona lapho, kuze kuthathwe isinqumo khona lapho ngoba abantu bomphakathi bayabazi abantu bakhona. Bayakwazi nokusheshe bambone nomuntu othi engowakaSithole kodwa uma bethi kuye: o! unjani Jobe, kodwa yena athi: hhayi! Jobe mina-Sithole. [Uhleko.] Bayaye basheshe bakwazi ukuthi hhayi lona nokho...Ngaleyo ndlela, yinto vele ebesesiyiqalile. Sizoyiqhuba kuzo zonke izindawo, kodwa besisazama ukuthi sibone ukuthi yiziphi izinkinga esizohlangabezana nazo uma siyenza kanje. Kodwa sizokwenza kube lula. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[The MINISTER OF HOME AFFAIRS: Thank you hon member. Yes, as a matter of fact, we have started doing that. We have come up with the idea of setting up mobile offices. We have launched such offices in Sisonke and Lusikisiki.
When an individual comes without a piece of identification, we refer him or her to the committees that we have established to work together with these mobile offices. These committees are made up of respectable members of communities. Let me make an example: One committee is made up of retired principals, retired ministers of religion and other available retired people, because we want to expedite this campaign.
When we go on site with these mobile offices, committees come with us. When registering, instead of being sent from pillar to post, you are usually assessed by being asked questions on the spot, and a decision is also taken on the spot, because members of the communities know people from their own areas. They are also able to quickly see an individual who happens to be a Sithole, but when greeted by his clan name, by saying: oh! Jobe, how are you? He or she responds in broken isiZulu by saying: No! I am not Jobe, but Sithole. [Laughter.] They are quick to know that no, this one ... This is what we have already started. And we are going to take this to other areas as we were just putting this on trial to see what kind of problems we were going to encounter if we did it this way. But we are going to make it easy. Thank you.]