UNGQONGQOSHE WEZOKUTHUTHUKISWA KOMPHAKATHI: Somlomo, ngisukuma nokugcizelela indaba yokuthi uhulumeni ngenyanga edlule umise ikomidi elizobhekana nezindaba zophuzo nezidakamizwa [central drug authority]. Leli komidi libandakanya yonke iminyango kanye nabanye ongoti abamelene nokusetshenziswa kwezidakamizwa. Okunye okubalulekile ukuthi kade kunekomidi elikhulu, uMongameli wathi makube nekomidi elincane ngesiNgisi libizwa ngokuthi yi-Inter-Ministerial Committee, elizobhekana nodaba lwezidakamizwa. Lokho kukhombisa ukuthi uhulumeni uluthathela phezulu kakhulu lolu daba.