Enye into ekufanele siyazi esalele leli komidi ukwakha amakomidi kubo bonke omasipala, njengamanje asemancane amakomidi asasele. Sifuna ukwakha amakomidi asemphakathini azonakekela abantu abasebenzisa izidakamizwa. Okunye okubalulekile ukuthi uhulumeni wakha izikhungo zokulapha labo bantu asebengene shi kule nkinga ukuze bathole usizo. Ezikhungweni zikahulumeni umuntu ukhokha ngaphansi kwe-R1 000 uma ehlala izinyanga ezintathu kodwa ezikhungweni ezizimele ukhokha ngaphezulu kwezi-R21 000 uma ehlala izinsuku ezingama-31 kuya kwezingama-35. Ngiyabonga Somlomo. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu speech follows.)