Ngakho-ke sikhona isidingo sokuthi ngempela intela, ngendlela eqoqwa ngayo, isibenze ngendlela kodwa nokuthi iqoqwa kobani nalokho kubalulekile. Asingazifici sesisesimweni la sicindezela khona abantu bakithi, sebebhekene nenselelo yokuthi abasakwazi ukuphila ngoba uHulumeni uthatha ngisho isenti lokugcina ezikhwameni zabantu bakithi. Ngakhoke, siyakucela nje Ngqongqosahe ukuthi, ake ukubukele eduze lokhu, ukulelekelela abantu bakithi ngoba noma wayinyusa imali yezibonelelo njengoba wenza ngesonto eledlule, kodwa uma ubuka ukunyuka kwayo, uyabona ukuthi kufushane kakhulu kunezinga lokuphila laseNingizimu Afrika. Siyazazi-ke izinkinga ezikhona nokuthi imali ezoba yisingeniso sokuqoqwa kwentela