kuleNdlu, siyobe sesisincane isikhathi sethu sokukhuluma ngoba sikhuluma ngento yanamhlanje. Angike ngisho nje ukuthi, kubalulekile ukuthi abantu bakithi sibacabangele ngempela ngoba uma kunyuka uphethiloli ne-VAT isaqhubekile ukuba sezingeni eliphezulu, izinga lokuphila kwabantu bakithi baseNingizimu Afrika ngempela, ngempela, alisekho esimweni sokuthi bangakwazi ukukhona ukubhekana naso lesi simo.