Ngiyabonga Sekela Somlomo, mhlawumbe kufanele sazise i- EFF ukuthi lapha kwa-ANC kunoSotswebhu Bomsebenzi [Duty Whips.] abenza umsebenzi wabo ukuqondisa zonke lezi zigwegwe zabo abazenzayo abanjenge lungu elihloniphekile uMnguni, ngoba bona kuyacaca ukuthi abanabo oSotswebhu Bomsebenzi. [Ubuwelewele.]
Lungu elihloniphekile Ngqongqoshe umbuzo wami uthi amalungelo esifazane abukelwa phansi uma kuza ekusetshenzisweni komthetho. Baningi abantu besifazane abagcina sebeyekile ukulokhu behla benyuka ezinkantolo bencengana noyise bezingane ukuthi bazondle. Kulesi sikhathi nalapha kuleNdlu kumele kwenziwe uhlolo lokuthi bangaki abangazondle izingane zabo bebe behlezi lapha