Sekela Somlomo, ngisukuma egameni le-NFP ngizwakalisa ukuthi umbiko othulwe lapha phambili siyawesekela. Uyilokho ngempela ikomidi elikwenzile kulesikhathi esincane ebesibhekene naso. Siyacela ke nathi ukuthi laba abazoba nenhlanhla ukuthi babuyiselwe kule Ndlu yesiShayamthetho kokuzayo bayibeke eqhulwini indaba yokubuyiswa komhlaba. Lokhu Sihlalo ngikusho ngokuthi kuwudaba olusezinhliziyweni zabantu bakithi kakhulu. Ayikho into ethinta izinhliziyo zabantu ukudlula le yokubuyiswa komhlaba.
Kuyiqiniso ukuthi izwe lakithi liyizwe elehlukene izizwe ezimbili. Omunye umholi wakusho loko. Isizwe sokuqala, esikhona eNingizimu Afrika yileso esinemali futhi esinomhlaba owanele ukuziphilisa. Isizwe sesibili, esalabantu abaphila ngesibonelelo sikahulumeni abangenamhlaba futhi abangenayo imali nomnotho.