Sibonile esontweni eledlule eThekwini ukuthi kube nezimvula ezinkulu ezike zanetha. Kwahamba imizi yabantu kwaMashu naseMlazi nakwezinye zindawo. Kwahamba emhlabeni abantu cishe abahlanu kodwa futhi khona eThekwini kulezi zimvula ebezikhona awukho nowodwa umuzi omukile walabo abahlala emadolobheni nalaba abakhelwe emhlabeni owanele ukuthi uma kunezigigaba zezimvula nezikhukhula amanzi athole indawo eyanele ukudlula. Kodwa labantu bakithi abahlala ezindaweni eziminyene ungekho umhlaba wokudlulisa izikhukhula, izikhukhula zifice zishaye izindawo zokuhlala zabantu bakithi. Okukhomba ukuthi kukhulu okusafanele kwenziwe. Akuyona nento esingayikhulumela isiNgisi indaba yokubuyiswa komhlaba angazi nikhulumela bani isiNgisi ngoba labantu enibakhulumela isiNgisi yilaba abanomhlaba. Laba abanganizwa yilaba abafuna umhlaba, abaxoshwa kuwona - anginazi nenzani. [Ubuwelewele.]