Sithe uma silubuka lolu daba, sasebuza ukuthi iyiphi imizamo yokufundisa imiphakathi esingayenza? Siyifundise kusukela ebuntwaneni, siqale ECD, early childhood development, ukuthi abantu bazi ukuthi bangaphila kanjani ngokuhloniphana. Siyayibonga imizamo eyenziwayo futhi noma kunjalo siyafuna ukuthi sengeze kosekwenziwe. Siyabonga kakhulu Ngqongqoshe.