Ngingasho ke lungu elihloniphekile ngihleli eduze kukazakwethu ophethe uMnyango Wezemvelo ukuthi siyabhekana namaqhinga amaningi ukuthi sizawubhekana kanjani nalenkinga esikuyo. Sibonile lapha eKapa ukuthi manje kungajwayelekile sebenezimvula ezifika ehlobo. Uma ubheka ezindaweni la izimvula khona kufanele zibe khona ehlobo sekuba nesomiso esingajwayelekile neziphepho njalonjalo.