Sihlalo ngiyathokoza ukuthola leli thuba, Nqongqoshe ngiyatthokoza ukuthi utshengise ukuthi umthetho wakho uphuma khona ezindaweni zasemakhaya. Ikapa lingakuthatha nje kodwa ungowasemakhaya wena ngiyakubona. Ngiyafisa Ngqongqoshe ukuba ngiqhubeke ngithi lezi zinhlelo okhuluma ngazo zibukeka zizinhle futhi zingabasiza abantu basemakhaya. Kodwa manje uvalo nje olukubantu bonke abasemakhaya ukuthi lezinhlelo uma siza lezi okhuluma ngazo bagcina bengakwazanga ukuzuza kuzona ngenxa yokuthi inkohlakalo idla lubi. Ngiyafisa ukuzwa kuwena Ngqongqoshe ukuthi usukhulumile ngazo lezinhlelo unahlelo luni lokuvimba ukuthi isaka lingadliwa amagundane uma usuyisa lezinhle emakhaya?