elincane, nali selingena ukuze nami ngingafuniseli nje. Ngazi ukuthi likhuphi lona leligundane elingenayo. Kodwa ke mangisho ukuthi ezinye zalezi zinhlelo ngempela azidingi imali kudingeka ulwazi. Uyabona njengasezindaweni zasemakhaya uma ngingabalula laphaya ngasendaweni yalapho mina nawe siphuma khona lunga elihloniphekile, uma indawo ibitshalwe amadumbe ngaphambili ngokushintsha kwalesi simo kubonakale ukuthi manje sesingatshala umjumbulo. Yizona zinto ekufuneka sibasize abantu babone ukuthi cha, sisengaqhubeka nokutshala la kodwa asisezukutshala loku ngoba akusamili.