Ngiyathokoza Sihlalo weNdlu, mhlonishwa umuntu akakuthokozele ukuphendula ngokweqiniso ukuthi kukhona uqhekeko olukhona kuma-CPAs, kodwa ke la ngizocela ukuphambuka khona lapho umhlonishwa ethi uMnyango kukhona okwenzayo okungcono ukuthi abantu bayoqeqeshwa ukuze zingabibikho lezi zinto ezidalekayo phakathi kwabo ukuthi kubekhona uqhekeko nezingxabano. Okokugcina, kwezinye izindawo kukhona ekutheni kube khona abanye ababulawayo. Kungekudala nje kukhona omunye odutshulwe ngale KwaZulu-Natali obeyingxenye yekomidi kodwa bekuyi-Trust, hhayi i-CPA. Kepha ke iyafana i- Trust ne-CPA.
Mhlonishwa angisho lokhu nganelisekile ngempendulo yakho. Lingakanani iqiniso ukuthi uMnyango uyaphuma uyofundisa abantu? Ngokubuka uMnyango ufike ugqinsile iTayitela esizweni - nangu umhlaba sinithengele wona, khethani
ikomidi, sebenzani. Kumbalwa uma kungukuthi ufice lapho khona kuyekwenzeka lolo qeqesho lokuthi abantu bazi. Le nto ifaka imindeni eminingi nabantu abaningi abathi bengena nje bacabange ukuthi akube yimali. Bethi umhlaba abawuthandi kangako ngakho ke baphephela ekutheni kungcono ubuyiselwe emuva banikezwe izimali. Mhlonishwa ngikhulekela isivinini eMnyangweni wakho ukuthi akusheshe uyoqeqeshwa abantu ukuze kuphele izingxabano nokuxoveka kwemiphakathi yethu ngenxa yama-CPA. Ngiyabonga.