Ndicela ukubuza Sekela Mongameli ukuba kwezi zinto ziqhubekayo uthabathe manyathelo mani ngaba bantu baphula umthetho? Enkosi Sekela Mongameli.
IsiZulu:
USEKELA MONGAMELI: Ngiyabonga. Ngiyacabanga nje ukuthi ukhuluma ngezinto ezenzeka laphayana komasipala ukuthi kukhona abanye abantu abenza izenzo zokukhwabanisa kubona. Manje-ke laphaya komasipala kunomkhandlu kunekhansela, kunemeya kunemenenja yomasipala, bonke laba bantu banelungelo lokuthi uma kukhona umuntu ophuma endleleni ngemisebenzi ayenzayo kubo yibona futhi abambuyisela endleleni.
NgokoMthethosisekelo, kungumsebenzi wabo lowo. Ungaba uSekela Mongameli kodwa awukwazi ukufika laphayana uthi, hhayi wena menenja yomasipala ugangile, sengifuna ukukuxosha mina, akwenzeki kanjalo. Nangalana kuHulumeni sinoNgqongqoshe, sinomqondisi jikelele, bonke labo bantu banomsebenzi othile. Umangabe kukhona okungahambi kahle emnyangweni ijoka liqala liwele kumqondisi jikelele liwele nakuNgqongqoshe okuyibona abantu bokuqala okumele bathathe izinyathelo ukuthi balungise lokhu okungalungile. Nalaphayana komasipala-ke kunjalo. [Ihlombe.]
Question 14: