Ngiyathokoza Somlomo, mhlonishwa Sekela Mongameli ngokwencazelo yakho ukubeke kwacaca ukuthi lenselelo ezayo izanani. Kulowo mbuso wethu obonakala ungena mandla wokulawula nokuqondisa ubuxhanguxhangu ezweni, ngabe mhlonishwa amathuba mahle kangakanani kithi ukuthi sikwazi ukungena kuwona ngaphakathi uma kufika lezindlela beya emgwaqeni bexove inhlalo, nenqubekela phambili nentuthuko nokusebenza kwabantu. Isibonelelo zolo lokhu kuye kwabakhona ukuthi amabhangi azodiliza. Kwaba nomkhulu umsindo abantu bathi bazoyokhipha izimali zabo ebhangi nganeno kwesikhathi. Ngabe umhlonishwa ubona ukuthi kuzawuphumelela yini uma iNingizimu Afrika uma ingena kulolu hlaka nohlelo ukuthi
kuzokwenzeka ngempumelelo ngaphandle kokuba kube nomnsindo ezweni kuxoveke izwe nemisebenzi. Ngiyabonga.
USEKELA MONGAMELI: Ngiyabonga, umsindo uzoba khona. Uhlelo lolu esingeke saluvika noma siluvikele izinto ezizokwenzeka siyafuna noma asifuni. Yindlela nje okwenziwa ngayo izinto inqubekela phambili.
English:
Everyday there is an improvement on the way we do things.
IsiZulu:
Uma ke amabhangi lawa adiliza abantu kusho kona ukuthi laba abavule leyo bhangi sebeyabona ukuthi sebebhala nje imiholo yabantu kodwa ikhona indlela enye engcono abangakwazi ukusiza amakhasimende abo, njengoba nje umuntu uma ephethe ucingo uyakwazi ukusizakala ebhange engayanga khona. Akasadingi ukuya ebhangi ayovela khona. Kungako ke iziteshi zamabhangi eziningi zizovalwa. Kusho ukuthi njengoba sithuthuka kakhulu siyaphambili siletha ubuchwepheshe obusha, vele abantu ababenza umsebenzi othile kuzofuneka baqeqeshwe kabusha ukuthi benze omunye umsebenzi. Yilokho okuzosivelela endleleni.
UMongameli uqoke lekhomishani ukuthi isisize ibheke izinto ezifana nalezo ukuthi uma i-Fourth Industrial Revolution ingena kuzokwenzeka loku, kwenzeke loku. Sikulungele kangakanani njengezwe ukuthi sikwazi ukubhekana nokuphatha lezo zinkinga siqhubekele phambili. Esifanele sikusho ukuthi uma kuphela imisebenzi ethile, amathuba eminye imisebenzi azovuleka. Azovuleka kodwa ke esingeke sikwazi ukuthi amathuba avulekayo namathuba avalekayo azobe alingana na. Abantu abavalekelwe amathuba kuzofuneka baqeqeshwe kabusha ukuze baqhubeke bahambisane nesikhathi. Angeke siyisabe le nguquko njengoba umfowethu athi angichaze nge- First, Second and Third Industrial Revolution, konke loko yindlela esiyihambile ngokwentuthuthuko. Kusho ukuthi indlela esenza ngayo izinto yehluke kakhulu kune-First Industrial Revolution. Sesingcono, sesinemishini eyenza izinto ezithile. Asisadingi abantu iziqu zabo ukuthi basebenze. Kwezinye izindawo sesiqasha imishini. Ngakho ke sizoqhubeka siyephambili. Thina njengezwe asikulungele ukuthi sibhekane nalenguquko. Ngiyabonga. [Ihlombe.]