Somlomo, Sekela Mongameli, lolu hlelo oluhle kangaka oluphokophela ukuguqula izimpilo zabantu baseNingizimu Afrika ikakhulukazi abantwana, abesimame
nabaphila ngokukhubazeka abakhubazekile ikakhulukazi abasemakhaya nasemalokishini ngoba usubekile.
Kungabe zikhona nje, Sekela Mongameli ohloniphekile, izinhlelo zokuqikelela lokhu okwenzeka e-Vhembe nase- Thabo Mofutsanyane kwenzeka ngokushesha kwezinye izifundazwe ngaphandle kwalezi ezimbili othe siyeza ngoba zinye ezisalele ongazikhulumisanga. Ngiyabonga.
USEKELA MONGAMELI: Sibonga kakhulu, izifunda lezi ezimbili bekuyizindawo lapho bekungeniswa uhlelo kancane ngaphambi kokuthi lungeniswe ngokugcwele kubhekwa ukuthi iyasebenza yini lento eyenziwayo yokwesekwa komama, abantu absakhula nabantu abakhubazekile. Njengoba bengishilo ukuthi kulezi zinyanga eziyishumi nambili ezizayo lomsebenzi lo uzokwandiswa uye kuzo zonke izifunda ezweni kodwa ...
English:
... it will happen step by step in the provinces that are more rural, like KwaZulu-Natal and the Eastern Cape province. Those are provinces that are more rural. I am
sure that in the next 12 months work will be done in those provinces. Thank you. [Applause.]