Ngiyajabula ukuzwa ukuthi ukuhlolwa kwendlela yokuphila kuzofika nakuKhabinethi nathi sizongena la. MaCingwane kukhona labo osebenzisana nabo kuyimanje ehhovisi lakho abanele ukubona nje ukuthi manje sebeyaphenywa, baphenywa izinqe. Bavele bagxume bafake incwadi yokwesula emsebenzini ngoba bebalekela ukuthi loku okufikayo kubathole sebengasekho. Ihhovisi lakho MaCingwane liphatha kanjani lenkinga efana nalena nokuthi yimaphi amaqhinga ...