Kungekona ukuthi ngiqophisana noNgqongqoshe ngoba angikhuliswanga kanjalo. Iqiniso ukuthi emva kokuthi uNgqongqoshe eseshilo ukuthi umhlangano wakhe awusekho. Ngamtshela ukuthi ngizokuya ukuyokhuluma nabantu emva kokuthi
ethe kukhona abantu abasehostela ababonakale begijima nezimpahla zokwebiwa bengena laphaya. UNgqongqoshe waze wathi uzongilungiselela kahle ukuthi ngiphephe kungabikho lutho olwenzekayo olubi.
Ekuseni ngakusasa abaholi bangitshela nezinduna ukuthi uMhlonishwa uMazibuko i-MEC uthe uzoba khona. Kuthe emva kwesikhathi base bethi: hhayi usexolisile ngoba ukuthi usenqatshelwe uNdunankulu uMakhura uthi angezi. Angithandi ke Magayi ukuthi ngiqophisane nawe njengoNgqongqoshe. Ngifuna ukuthi ngikuchaze lokho ngoba akufuneki ukuba kuqoshwe amanga kwi-Hansard. Angeke ngikuvume ukuthi ngife kuqoshwe amanga kwi- Hansard.
USIHLALO WENDLU (Umnu M L D Ntombela): Kuzwakele Shenge. Siyabonga baba uShenge.