Ngake ngehlelwa ishwa ngiseNgilandi ngisafunda isikole, omunye wezakhamizi zaseNgilandi esixoxela ukuthi iMfolozi inhle kangakanani emaphakathi neKwaZulu-Natali, lapho athi babona isiqiwi kuthi sihle kangakanani kanye noMfolozi izindawo ezinhle kangakanani. Ngathelwa yihlazo lapho sekumele ngifakaze ukuthi ngempela isiqiwi kanye noMfolozi izindawo ezinhle kanjani kodwa ngibe ngingakaze ngiye kuzo.