Abantu mabayeke ukukhuluma amaphutha bakhale ngokuthi basaba amabhubesi, basaba izingwe bengakaze bayibone. Mabavakashele iziqiwu bayowabona lamabhubesi bangasho ukuthi baphuphe bejahwa amabhubesi into engakaze ayibone umuntu ngamehlo. Masibafake ke umoya abantu bakithi wokuthi mabasubkume. Umuntu angazalelwa kwaZulu-Natali aze afele kwaZulu-Natal, Makaphume ahambele ezinye izifundazwe alibone izwe lakhe