Mhlonishwa, Sekela Somlomo, Mhlonishwa, Ngqongqoshe, ngicela ukwazi mina ukuthi ngokwazi kwakho njengamanje mhlawumbe mhlonishwa, bangaki omasipala abakulesi simo asebebikiwe kuwena? Nokuthi- ke, wona amacala asevuliwe yini evulelwa laba abenzi bobubi komasipala? Uma bekhona, bangaki abasebegwetshiwe noma abaphambi kwezinkantolo? Ngiyabonga, Sekela Somlomo.