Ngiyathokoza Sihlalo, Sekela Ngqongqoshe nawe uyavuma ukuthi ukushushumbiswa kwabantu kusaqhubeka okuyinkomba zokuthi ukungenelela kukahulumeni nezinhlaka asebenza nazo akusilekeleli.
Umbuzo uthi: Zizoqiniswa kanjani izindlela ikakhulukazi njengoba sibhekene nengwadla yokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane okuyibona futhi abayizisulu zokushushumbiswa kwabantu?
Kubalulekile ukuthi uhulumeni le nto ayibukele eduze. Yiziphi izinyathelo ezisheshayo ekuyizona enizozithatha ukulungisa loludaba nisebenzisana namanye amazwe, ngoba uma singakubheki lokhu izingane zethu nabazukulu benu basengcupheni yokuthi baqhubeke njalo beyizisulu zokushushumbiswa kwabo eNingizimu Afrika noma izingane zangaphandle zilethwe ngaphakathi ezweni?
English:
The DEPUTY MINISTER OF INTERNATIONAL RELATIONS AND CO-
OPERATION: Chairperson, South Africa is a signatory of the protocol and also, we are part of the sustainable development agenda, which has a call of ending trafficking in persons and violence against children by 2030. So, we are in a process, we are not yet there at 2030 but we hope that with jointing our programme with other countries we are going to reach the end of trafficking of persons and violence against women. Thank you.