Ngiyathokoza Sihlalo weNdlu, Mhlonishwa Sekela Ngqongqoshe nanxa umuntu ekuqonda ukuthi okunye komsebenzi odingalayo eMnyangweni yilowo oqondene noNgqongqoshe Wezobudlelwano Namazwe Omhlaba ukuxoxisana namazwe angomakhelwane, lakhona uNgqongqoshe ekhala khona ngokuthi kufanele kubhekelelwe noma amandla akusiganxamabhande wombutho. Ngicabanga ukuthi lokho
kulibeka kude ithuba. Osigaxamabhande banelungelo lokuthi bakhiphe izwi kumagumgedlela ukuthi awame emngceleni ukusiza ... [Ubuwelewele noHleko.] Kafuphi ngibhekise enkingeni esinayo emngceleni iMozambique, iSwatini neZimbabwe lapho kukhona amasotsha abekiwe kodwa kuyaqhubeka ukwebiwa kwezimoto ziye ngale ngaphesheya. Uma izimoto sezingaphesheya eMozambique, amasotsha akhona awavumi ukuthi zibuyele ngaphakathi ezwe. Wenzani umbutho ukuvimba isimo lapho khona amasela eba izimoto ziye eMozambique amasotsha akithi angasho lutho? Uma sezingale izimoto usuyilanda amasotsha aseMozambique anqabe ukuthi imoto ibuye ngaphakathi ezweni.