Somlomo ohloniphekileyo, nami ngifuna ukuphendula umama u-Van der Merwe. Sifuna ukwazi ukuthi akuphi la makhosikazi athuthukiswa yi-IFP ngoba thina asiwaboni la? Thina-ke singuKhongolose siyazi ukuthi amakhosikazi siwesekile lapho esungula izinhlangano ezisebenza ngokubambisana, phecelezi ama-co-operatives. Bakhona oMaZondi laphaya KwaZulu-Natali, asebeqeqesha abanye omama ngokwesekwa uNgqongqoshe uNkwinti. Futhi sebekhiqizela umhlaba wonke jikelele. [Ihlombe.]