Sinabo omama bakwaMphahlele eLimpopo, nabo lo hulumeni obanike amapulazi. Manje bakhiqiza uMoringa, bakha izinkambi zetiye namaphilisi. Basekelwa nguNgqongqoshe u-Hanekom futhi uzobakhela izimboni zezinkambi zetiye khona laphaya kwaMphahlele emaphandleni. [Ihlombe.]Sinabo omama uSaka emaMpondweni, abakhiqiza abesifazane abayi-100 bebafundisa ukuthunga. Bazosebenza lonke leli zwe bafundisa amakhosikazi ngokuthunga ngobuhlalu, besungula imisebenzi. Yibo-ke labo mama esibaziyo thina ukuthi bathuthukiswe nguKhongolose.