Ngibona kakhulu Sihlalo, bengisho umbiko wekomidi esisebenza kulona. Okuningi okuveziwe namhlanje okukhuluma ngemfundo yabantwana emazingeni aphansi Ibanga R. Kuyasithokozisa nalapho ukusho ukuthi njengoKhongolose kusukela enhlanganweni yethu, ezinye yezinto esizibeke eqhulwini ukuthi Ibanga loku-1, selizoba iminyaka emibili.
Siyezwa futhi siyazi ukuthi kusekhona la sishoda khona kodwa konke lokhu abakushiyo ozakwethu siyabonga ukuthi kwenza imfundo yethu ithuthuke. Kodwa- ke uma sekufika kwezezakhiwo, ngiyathanda futhi sikusho ukuthi kukho konke ubunzima ezemfundo ebezibhekene nabo, izakhiwo ezakhiwe ngodaka kanye nalezo ezingekho esimweni, sibone igalelo elikhulu, ukuhamba kanye nenqubekela phambili enkulu lapho sibona khona kwakhiwa izikole ezisezingeni eliphezulu.
Nalapho siyavuma ukuthi kukhona la kusele khona kodwa indlela uhulumeni ahamba ngayo nendlela uMnyango uhamba ngayo kuyasibonisa ngempela ukuthi imigomo ebekiwe noma ikanjani, ... (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Ms N GINA: Thank you very much, Chairperson. I was just presenting a report of the committee I am working in. Most of what is being raised today speaks about the foundation phase education with regard to Grade R. It also excites us as the ANC to say that, in our movement, education is regarded as one of the apex priorities, and that Grade 1 will now be completed in two years.
We understand and we know that there are areas where we are still lacking, but we appreciate everything that our colleagues have said because it makes our education progress. But in respect of school buildings, I would like to say that with every obstacle education is faced with - whether it be mud buildings or those that are not in good condition - we have seen great progress; we have seen great development and great success where schools of a high standard are being built.
We are going to do away with these mud structures and also the unsafe structures that exist.]
Kodwa sibonga kakhulu. Konke abakushilo kuthathiwe futhi okuningi bese bekushilo ngisho ekomidini. Lezi yizinto esizixoxayo esithemba ukuthi sibambisene sonke sizokwenza ukuthi imfundo yabantwana bethu iqhubekele phambili sibe nekusasa eliqhakazile. (Translation of isiZulu paragraph follows.)
[We are very grateful, though. We have noted everything that was said, though most of that was already mentioned in the committee. These are issues that we discuss and we hope that we are working together here to ensure that our children's education progresses in order for us to have a brighter future.]
Vote agreed to (Democratic Alliance and Economic Freedom Fighters dissenting).
Vote No 16 - Health - put.
Declarations of vote: