Sihlalo, i-NFP ayinaso isizathu sokuphikisana nalesi Sabelomali. Kodwa-ke siyafisa ukuphakamisa lokhu okulandelayo eMnyangweni: Okokuqala ukuthi sengathi lungabukwa kahle udaba lokwethulwa kwemali yesibonelelo sokunakekela abafelokazi uma besuke bengakakwazi ukubhekana nezimo abasuke behlangabezane nazo.
Okwesibili kumayelana nokulwisana neSandulela Ngculazi kanye neNgculazi oqobo lwayo, kanye nokuvimba abantwana ekubambeni iqhaza ekuqhudelaneni ngokuthola abantwana njengokuthi nje izingane ziqhudelana ngokuthi: Izingane zami ziningi ngakho-ke ngithola imali yesibonelelo sabantwana esikhulu. Siyafisa ukuthi lezi 'zingane ezisaziphethe kahle, kwazise phela lezi 'zingane zisuke zifunda ndawonye nalezo 'zingane ezinemali eziyiholayo, ezingenabo abantwana aziholi. Sengathi uMnyango ungakubheka ukuthi kube nesibonelelo esizogqugquzela lezo zingane ezingakonakali ukuze ziqhubeke nokuziphatha kahle ngokuthi kube khona mhlawumbe uhlelo ezibhekelelwa kulo kumbe kube nesiqinisekiso sokuthi zizonikezwa imifundaze uma ziqede isikole zisaziphethe kahle.
Sikubuka futhi kungaba yinto enhle ukuthi, siyazi ukuthi mhlawumbe ngeke kube yinto elula ukwenyusa imali yesibonelelo sabantwana ngamaphesenti ayikhulu, kepha mhlawumbe uma kungenziwa ukuthi ingane ngayinye okungenani ithole imali yesibonelelo eqala ku-R500. Bese kuthi laba abahola impesheli yabadala okungenani imali yabo iqale ku-R1500 ngenxa yokuthi iseminingi kakhulu imindeni la eNingizimu Afrika ethembele futhi ephila kuphela ngemali yabantu abahola impesheli yabadala. Siyabonga. (Translation of isiZulu speech follows.)
[Mr M S MABIKA: Chairperson, the NFP has no reason to object to this Budget Vote. However, we would like to submit the following to the department: Firstly, the matter of introducing the widow's grant - when they cannot provide for themselves after finding themselves in that situation - must also be carefully considered.
Secondly, it is about fighting HIV/Aids, and preventing children from competing on the basis of being pregnant. In some instances you find children competing about the fact that they have many children, which means they get more money from the child support grant. Our wish is that those children, who are well behaved and who do not have any children, also get a support grant as a token of appreciation so that they can continue with their good behaviour, because they are in school with those who receive the grant. This can be done by, for example, placing them in a certain programme or by giving them assurances that they will receive bursaries, should they finish school and still maintain their good behaviour.
We know it might not be easy to increase the child support grant by 100%, but it would be nice. Perhaps what can be done is for children to get at least a minimum of R500 per child and for pensioners to receive at least a minimum of R1 500, because there are many families here in South Africa who are dependent on the older persons grant. Thank you.]