Sihlalo, uma usibona sisukuma siseseka lesi Sabiwomali njengoba senza yingoba sifuna kusetshenzwe. Okokuqala nje, asisho ukuthi kubalulekile ukuthi abantu bakithi abamnyama ababencishwe amathuba babe nakho phela nabo ukufinyelela ezimayini ukuze babe namandla omnotho.
Okwesibili, udaba lwezakhamizi zakithi ezihlala eduze kwezimayini kufanele ngempela kube udaba oluseqhulwini ukuze zikwazi ukusizakala lezi zakhamizi; zibe khona izinsiza ezikhomba ukuthi ziyahlomula nazo emnothweni wezimayini, njengezikole, izibhedlela, imitholampilo namanzi ahlanzekile nokunye ezikudingayo ukuqhuba impilo yazo.
Okwesithathu, esibona ukuthi kubalulekile okufuneka silokhu sikusho njalo nje ukuthi laba abaqhamuka emazweni angaphandle uma sebetholile amalayisensi okusebenza kule mboni yezimayini, kuyofuneka kuqinisekiswe ngempela ukuthi basebenza nabantu bakithi ukuze phela nabo babe semnothweni bakwazi ukuthuthuka kule mboni ebaluleke kangaka. Akungabi nje ukuthi baqengqetheka bodwa nje umbelebele ziyayigomfela uyoze ayibonele. Ngiyabonga Sihlalo. (Translation of isiZulu speech follows.)
[Prof N M MKHUBISA: Chairperson, if you see us standing up and supporting this Budget Vote, it is because we want to see work being done. Firstly, we need to say that it is important for our people who were previously disadvantaged to have access to the mining industry in order for them to be economically empowered.
Secondly, the issue of the communities who live close to the mines should be prioritised so that these communities can get help; there should be services that could showcase that they also benefit from the wealth of these mines, like the building of schools, hospitals, and clinics. They must also have access to clean water and other basic services.
Thirdly, the other issue that we regard as important and which we feel we need to constantly mention, is that when foreigners acquire mining licenses, we should really ensure that they work with our people so that they can also have access to wealth in order for them to progress in this very important industry. It should not be a matter of them doing as they please. Thank you, Chairperson.]