Sihlalo, asiwusekeli lo mthetho ngalezi zizathu, akusho ukuthi yingoba amaphoyisa emabi. Cha! Asikhulumi ngamaphoyisa lapha, ungizwe kahle Nyambose. Asikhulumi futhi ngalawa maphoyisa asebenzayo sikhuluma ngaloku okwenziwa uKhongolose kulawa amanye amaphoyisa. Ngakho kufuneka kucace ukuthi asiwusekeli ngalezondlela, hhayi ngoba kukhona amaphoyisa amabi kwamanye. Laba bantu ngiyabona badle kakhulu ngelantshi.[Uhleko.] Okwesibili-ke Mhlonishwa kufuneka kucace ukuthi ngisakuphinda loku engikushilo yikuthi ingane mayonile ibekwa phansi kukhulunywe nayo, ayinqunywa ikhanda. Ngakho-ke uma kwenzeka kanje sesiyohlangana lapho siyohlangana khona bakithi. Asiwusekeli lo mthetho. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu speech follows.)
[Mr V B NDLOVU: Hon Chairperson, we do not support this Bill for these reasons: it is not that the police are bad. No! We are not talking about the police here; please understand me Nyambose. And we are not talking about those police who are doing their work, but we are talking about what the ANC is doing to other police. Therefore, it must be clear that we are not supporting this Bill due to those reasons, and not because there are those police who are worse than others. I can see that these hon members have eaten a lot during lunch. [Laughter.]
Secondly, hon Chairperson, it should be clear that I reiterate what I said before that, if the child has done something wrong, you sit down and talk with that child, you do not behead her. Therefore, if things happen like this, then we shall meet hon members. We do not support this Bill. Thank you.]