Sihlalo, noNgqongqoshe bobabili ngithi unwele olude. Uma ngiza lapha ngiye ngabuka, ngabuka ngathi ukubhala into oyaziyo ngeke kungehlule. Angimanga lapha ngoba ngizokwehlulela ukuthi Ofezela bebebahle kangakanani, amaphoyisa mabi kangakanani njalonjalo. Engikumele lapha kunye: Ukuthi ngizosekela uma ngabe Ofezela bebuyiselwa. [Uhleko.] Engikumela lapha ukuthi lo mthimba esikhuluma ngawo uma usungulwa ngangikhona. Mhla silusungula lolu phiko sasinaye uSekela Ngqongqoshe u-de Lange ngaze ngambuza mina ngathi kuye ngoba sinaso nje i-Special Branch kungani singaqeqeshi sona na?
Umhlonishwa u-de Lange wangiphendula ngokuthi: Cha! Waqhubeka wathi phela labo bangamasosha, futhi nje wonke lawo maphoyisa angamasosha kufuneka siwaguqule. Wathi bona bafuna ithimba elisha elizolwa nobugebengu obuhleliwe ngobunyoninco nangobuchwepheshe. Ngabe sengithi-ke mina, cha, kulungile asihambeni siyokwenza lokho. Sahamba-ke, sawela imifula siyokwenza lowo msebenzi, sabathola Ofezela.
Ofezela basebenze kahle iminyaka ize yaba mihlanu kungezwakali lutho. Kodwa kuthe lapho Ofezela sebentinyela ndawondawo wasuka umsindo. [Uhleko.] Wasuka umsindo kwaba wuthuli lwezichwe, asangabe sisazi ukuthi konakalephi. Kuthe kusuka lapho sezwa ukuthi umphathi wabo akasezwani noNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa KoMthethosisekelo sekufuneka aphenywe izinqe- ke manje - hhayi bo!
Wenziwa lowo mbiko engingakaze ngiwubone kuze kube yinamhlanje. Yebo amaphoyisa wona kufanele aqeqeshwe kodwa futhi uma eseqeqeshiwe akusho phela ukuthi sekufuneka aqukule izimpahla zomsebenzi bese kuthiwa kuliwa nobugebengu. Ukuqeqeshwa kwamaphoyisa akufuneki futhi ukuthi kufane nomkhonto wegwala wona ophelela emlalazweni ololwa njalo kodwa kungabikho lutho olwenzekayo.
Ngakho-ke Sihlalo, iqembu leNkatha yeNkululeko lithi: Cha! Nakuba kungenzeka mhlawumbe ukuthi kukhona okuthile thina esingakwazi ngofezela ngoba nalowo mbiko wejaji uKhampepe ngawuthola ngoba sekuliwa kuthiwa awuze. Mina ngangikholwa ukuthi - ngoba ngangiseKomidini Lezobulungiswa ngaleso sikhathi - umbiko lo uzolethwa eKomidini Lezobulungiswa ukuze phela siwubuke futhi siwuhlaziye. Kodwa-ke umbiko lowo awukaze ufike. Ngisho noma ngabe kukhona abakwaziyo ozakwethu bakaKhongolose ngofezela nabo abakaze bakuphalaze nathi sikwazi.
Umsindo ususuka manje sekuvela konke lokhu nje ngoba sebeze bayotinyela ndawondawo. Manje-ke sekuthiwa, cha abahambe! Sekuthi abahambe! Ngiyazi ukuthi kwenziwa izigcawu zokulalelwa kwabantu kodwa-ke abantu bebedidekile bengazi ukuthi kukhulunywa ngabaphi bona ofezela noma ofezela laba abangabameli. Wawuzwa umuntu ethi akazi ukuthi Ofezela bamenzelani ngoba icala lakhe alikaze laphenywa.
INkatha yeNkululeko yeSizwe ithi: Cha! Ngeke impela Ngqongqoshe sikuveme lokhu ngoba naleli thimba olifaka manje - uma ngabe kungazange kulungiswe lapha kofezela - nalo lisazohamba ngaleyo ndlela. Kohamba, kuhambe kuthi uma sekufika kwindlelamnyama besekuthiwa: Cha.
Nabo laba enibafakayo bazotinyela omunye, asazi-ke ukuthi nizobabiza ngani- ke bona. Noma nizobabiza ngamabhubesi bazothi uma bebhodla konakale. Ngakho-ke ngokukhulu ukuzithoba lokhu iqembu leNkatha lithi: Cha! Ngeshwa ngeke sikwazi kulokhu ukukuxhasa Ngqongqoshe. Ngeke sivume ukuthi Ofezela bahambe beyoshona odongeni ngenxa yesizathu esingazange sisizwe. Akukaze kubikwe cala ngabo. Ngakho-ke uma umuntu engenacala bakithi kuye kuthiwe akalungise amaphutha akhe, akuvese nje kubhidlizwe umuzi wonke. Ngehlela ngezansi. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr M A MZIZI: Chairperson and both Ministers, I greet you all. As I was coming here, I was just thinking and I realised that writing about what I know cannot be difficult. I do not stand here to judge how good the Scorpions were or how bad the police are, etc. I stand here for one thing only and that is this: I shall only give my support if the Scorpions are to be reinstated. [Laughter.] What I stand here for is to say that I was there when this unit that we are talking about was formed. When we formed it, the Deputy Minister, hon de Lange, was there with us and I even asked him if there was any reason we could not use the already existing Special Branch and retrain them.
The Deputy Minister, hon de Lange said: No! He elaborated and said those are not the police, but soldiers and he said, in fact, the whole police force consists of soldiers. He said they wanted a new unit that will fight organised crime tooth and nail using the latest technology. I said fine, let us go and do exactly that. We went all the way and crossed the rivers to do that job and the Scorpions were formed.
The Scorpions worked undisturbed for five years and there were no complaints about them. But when they started stinging sensitive spots, all hell broke loose. [Laughter.] There was a huge chaotic situation, and we did not know what had gone wrong. Thereafter we learnt that there was a breakdown in the relationship between the former boss of the Scorpions and the Minister for Justice and Constitutional Development and that he was to be named and shamed - whew!
The report was compiled and I have never laid eyes on it. However, we do agree that police officers should be trained, but also, in the same breath, that does not mean that after their training they should just seize items at workplaces in the name of fighting crime. The training of police officers should also not be the same thing as the sharpening of a coward's spear, which ends up losing its sharpness on the whetstone because it is forever sharpened, but nothing happens thereafter.
Therefore Chairperson, the Inkatha Freedom Party says: No! It is possible that there are certain things that we do not know about the Scorpions, because I got the Khampepe report after a long, protracted fight for it to be made available. I believed that, because I was a member of the Justice committee at the time, the report would be brought to the Justice committee for consideration. But the report did not come. Even if there is something that our colleagues from the ANC knew about the Scorpions, they have never brought it to our attention.
And the whole noise started because the Scorpions have stung on a sensitive spot. And they are now being chased away. People are now saying: Let them go! I know very well that the public hearings were conducted, but the people were confused and did not know whether the hearings were about the very Scorpions we are talking about here or about Scorpion Legal Protection. People could be heard saying they did not know what the Scorpions have done for them, because their cases were never investigated.
The Inkatha Freedom Party says: No! Never, hon Minister, shall we allow this to happen, because even this unit that you are introducing now - and if the wrongs of the Scorpions had not been made right - will follow the same route. Things will go smoothly at first and when they get to the sensitive issues, they will easily get a "No!"
Even the new unit you are establishing is also going to sting someone and we do not know what you are going to call them. Maybe you will call them the Lions and when they start roaring, things will be difficult. And, with all due respect, the Inkatha Freedom Party says: No! Unfortunately Minister, we are not going to support you. We cannot allow the Scorpions to go down the drain for reasons we have yet to hear. Not even a single case against them has been reported. Therefore the logic is that if someone has never been found guilty of any wrongdoing, he is usually told to mend his ways and does not simply have his entire house destroyed for sins not known. I rest my case. [Applause.]]