Hon Chairperson, hon Ministers, hon members of Parliament, comrades and friends ...
... Sihlalo, ngifuna ukukhumbuza le Ndlu ngeminyaka yamaseventizi ukuthi kwakuneqembu laphaya elalingaphansi kwamaphoyisa okwakuthiwa yi-Special Branch. Ngizwile uMzizi elithinta ukuthi cha usenalo ibhabhalazi lalo. Ama- Special-Branch ayesatshwa ngoba ayesebenza ngabantu bezepolitiki. Ayebekwe nguhulumeni wangaleso sikhathi, wobandlululo, ukuthi asebenze ngomuntu ophikisana nohulumeni, ngakho-ke konke ayekwenza ayekwenziswa yipolitiki. Yingakho-ke nje uzwa abaningi behambisana nOfezela ngoba bakhumbula leya ndaba yama-SB. [Uhleko.]
Ama-SB lawa uma ngabe abanye benu bengawazi kahle, ayebulala. Hhayi indaba yokudlala uyabona nje uma kuthiwa wena usukhonjiwe ukuthi awuhambisani nohulumeni, ayevele afike ekhaya azokulanda, athi ayokuphenya. Ngemuva kwalokho kuthiwe uphume ngewindi.
Mhlawumbe uNgqongqoshe uzokhumbula ubaba uMdluli walaphaya eLamontville okwakuthiwa uMasobiwa uJoseph Mdluli. Amaphoyisa afika amthatha amusa laphaya ku-Fisher Street eThekwini ethi ayomphenya ngemva kwalokho bathi uzilengise etafuleni. Bathi uthathe intambo yesicathulo wazilengisa etafuleni waze washona. Kumanje lelo cala awukaze uzwe ukuthi lagcina kanjani, kuthiwa wazilengisa ngen tambo etafuleni. Umbuzo uthi-ke: Kanjani? [Ubuwelewele.]
Thina siwazi kahle ama-SB ngeminyaka yoseventi. Mina ngangifunda laphaya eVukuzakhe High School ngonyaka ka 1977 sithi sizosekela izingane zaseSoweto zesikole ngalokho okukade kwenzekile ngonyaka ka 1976. Ngangingukapteni webhola abafundi bacela ukuthi ngibahole, ngibize umhlangano ukuthi singawesekela kanjani umzabalazo waseSoweto.
Ngathi ngiphuma nje ngalelo langa kulowo mhlangano ama-SB ayehamba ngezimoto ezintathu eyisikhombisa kulezi zimoto afika ezofuna mina. Ngangiziqhamukela esikoleni, ngingumfana wesikole. Athi ngihlanganaphi nezingane zaseGoli. Kungashona ilanga uma ngichaza ngalaba bantu.
Okungimangazayo-ke ukuthi ngesikhathi sekungena uhulumeni omusha wonke lawa ma-SB esiwaziyo ukuthi ayesebenza kanjani aphenduka athola izikhundla zokuba ngokapteni kuhumeni waKwaZulu. Babephetha iziteshi zaKwaZulu zama- ZP, kwaba yibona omasiteshi. UMzizi ngiyabona ukuthi akakude kakhulu. [Uhleko.] Kuyamangaza-ke Ngqongqoshe ukuzwa amaqembu lawa aphikisayo ekhuluma kanje futhi niyakwazi nokuthi phela bona bangamaqembu, inhlangano nguANC, uKhongolose. Laba abanye amaqembu ngoba bayaqembuka bahlale beqembuka.[Uhleko.] Ngifuna ukuthi kucace kubaba uLe Roux ukuthi ... (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[... Chairperson, I would like to remind this House that in the 1970s there was a unit in the then police service which was known as the Special Branch. I heard hon Mzizi referring to it and I realised that he still longs for it. The Special Branch unit was the most feared unit, because it only dealt with the political activists. It was put there by the apartheid government to deal with anyone who was opposing it, therefore, it was politically motivated. It is for this very reason that you hear most people here supporting the Scorpions, because they remind them of the SB unit. [Laughter.]
The SB unit - for those of you who do not know it very well - was a killing machine. Jokes aside, if you had been identified as being opposed to the erstwhile government, the unit would come and take you from your home, saying that they were going to interrogate you. After that there would be a report that you jumped out of the window.
Maybe the hon Minister will remember Mr Mdluli of Lamontville, his name was Masobiwa Joseph Mdluli. The police took him to Fisher Street, in Durban, on the pretext that they were going to interrogate him. And after that, they said he had hanged himself from the table. They said he used a shoelace to hang himself from the table until he died. Until today, we have never heard about the outcome of that case. They just alleged that he hanged himself from the table. The question therefore is: How? [Interjections.]
Some of us knew the SB unit very well in the 1970s. In 1977, I was a pupil and captain of the soccer team at Vukuzakhe High School, when I was requested by my fellow pupils to lead them in our support for the Soweto uprising. They asked me to call a meeting to find ways to pledge solidarity with the 1976 Soweto uprising.
After that meeting, on the same day, seven members of the SB unit came in three cars looking for me. I was just a schoolboy, coming from school. They asked me what business I had with the Soweto students. We can all sit here the whole day if I were to start talking about these people.
But what amazes me is that, when the new government came into being, all those well-known members of the SB unit received captaincy positions in the KwaZulu-Natal police. They all became station commissioners in the KwaZulu- Natal police, especially at those police stations which had previously been known to belong to the ZPs.
I realise that hon Mzizi is not that far off the point. [Laughter.] It is amazing, hon Minister, to hear the opposition parties talking like this and you also know that they are just parties, but the ANC is a movement, the Congress. These others are parties, because they always part ways and breakaway from other parties. [Laughter.] I want to make it clear to hon Le Roux that the ...]
... ANC will continue having its conferences and it will take resolutions ...
... ezizobuya zize lapha ePhalamende ukuthi zizohola lo hulumeni oholwa nguKhongolose. [... which will be brought to Parliament to guide this ANC- led government.] We are not going to shy away from that.
Ubaba lo uDarryl Worth uthi uma umuntu egula kufuneka umkhiphe leso simo. Hayi bekungasekho lapho ungasika khona umdlavuza lona ubusugcwele yonke indawo. Akukho lapho ubungathi ungakhipha khona bese kungumdlavuza ugcwele umzimba wonke. Okunye Ngqongqoshe engikwaziyo ukuthi into eyinkinga kakhulu kulaba abanye abaphikisayo ukuthi phela babewuhulumeni ngalesiya sikhathi esedlule, babeyingxenye kahulumeni.
Ngakho-ke laba bantu basenalelo bhabhalazi lokuthi Ofezela bebebanika ithuba lokuthi babaphindiselele ezitheni zabo. Banalelo bhabhalazi lokuthi sabathola abantu abazosiphindiselela kulaba bantu, yikho ubezwa bekhuluma kanjena baphethwe yileyo nto nje. Ubaba uvan Heerden ngiyabona ukuthi ushintsho lukude naye uma ekewezwa nje ukuthi kunoshintsho uvele abe nohlevane.
Uma ubukisisa ukusebenza kwama-SB nokusebenza kOfezela, uyakubona ukuthi kufana ncamashi. Uma ngabe ukhona umehluko mncane kabi ngoba bonke babesebenza ngokuthi balwe nomuntu okuthiwa uvukela umbuso. Nabo-ke laba uma uthola Ofezela amacala ebebewajaha yilawa abonakalayo ukuthi awezombangazwe.
Asikakazi namanje ukuthi kungani uPhillip Powell we-IFP owatholakala nezikhali KwaZulu kwathiwa akayofunda phesheya. Asikaze sizwe namanje ukuthi zenza njani lezo zikhali. Yinto efanayo lena noAgliotti ukuthi ungathatha isigelekeqe sezidakamizwa uthi uma nje kubanjwe usopolotiki uzomnikeza inkululeko. Kusobala abantu ngempela abalwa nabo osopolotiki.
Kwaphuma umbiko kwiKhomishana Yamaqiniso Nokubuyisana, i-TRC, ukuthi laba bantu abangachazanga kwi-TRC kuyofanele kulandelwe amacala abo. Awukaze uzwe ukuthi Ofezela bafikaphi nawo, into nje abayaziyo ukujaha osopolotiki.
Uma ngingase ngibuze nje ukuthi ngabe kuwubugebengu obuhleliwe yini ukuthi umuntu wathola isephulelo ethenga imoto na? Ngabe ubugebengu obuhleliwe lobo? Ngabe kuwubugebengu obuhleliwe yini uma ngabe usibanibani kusolakala ukuthi wayefuna ukugwazela usibanibani? Ngabe ubugebengu obuhleliwe lobo? Kusho ukuthi umuntu lapha bekufanele ashushiswe ngezindlela zonke.
Uma ngingase ngibuze nje ukuthi ingakanani imali esichithiwe ngOfezela belokhu bezama ukuthi kushushiswe uMongameli we-ANC. Kodwa akukho muntu okhuluma ngalezo zigidi lapha. Kwakhona nje ukuthi ngabe bazotholani ngalokhu kulandela lo sopolotiki nathi asazi. Sekungaze kuchithwe izimali eziningi kangaka ngoba nje befuna ukulandela lo sopolotiki?
Hhayi Ngqongqoshe kulo mbutho esiwakhayo lona okuthiwa yi-Directorate of Priority Crime Investigation, i-DPCI, lapho khona sizobe sishaya lokhu okuthiwa yi "Operation washa tsotsi". Laphaya zizohlehla izigebengu, zizohlehla ngoba kukhona abaseshi abazobe beqeqeshiwe ngokuba ngabashushisi kodwa bazobe besebenza umsebenzi wabaseshi. Hhayi lokhu kuhlanganisa umsebenzi, inxovanxovane. Bazobe belaphaya nolwazi kodwa besebenza njengamaphoyisa bebika futhi emaphoyiseni.
Sihlalo ngoba ngiyabona lapha ngithi-ke abantu basho bathi kuzoba nokuthula, nokukhululeka kanye nokuthokomala kuleli lizwe lethu. Basho njalo abantu eKliptown ngoJune 1955. Ngiyabonga Sihlalo. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Hon Darryl Worth says that if someone is sick, you must put them out of their misery. Well, there was nowhere to dissect, because the cancer had spread to the whole body. The whole body was infected with cancer; there was no piece of flesh which was not infected. Another thing that we are facing here, hon Minister, is that some of the members of the opposition were formerly of the erstwhile government, whilst others formed part of that government.
Therefore, these very people were pleased to know that the Scorpions were avenging them against their enemies. They are convinced that in the Scorpions they had found people who would avenge them against these people, that is why you hear them talk like this. Well, I can see that change is a distant goal to the hon van Heerden. When he realises that there is talk about change, he just becomes outraged.
If you look closely at how the SB unit operated and how the Scorpions operate, you will realise that they operate exactly the same way. If ever there is a difference, it must be a slight one, because these forces dealt with anyone who was suspected of rising up against the state. Therefore, with the Scorpions too, if you look at the cases which they are pursuing, you will find that they are political.
We do not know, even today, what happened to the IFP's Phillip Powell who was found with an arms cache in KwaZulu-Natal and was later asked to go and study overseas. We haven't heard, even now, of what had happened to those weapons. And it is exactly the same with Agliotti, a drug lord who, should he give evidence against a certain politician, will be set free. It is clear that the Scorpions are only happy when chasing after politicians.
There was a report from the Truth and Reconciliation Commission, the TRC, which stated that the cases of all those who did not appear before it would be followed up. But we have never heard how far the Scorpions are with those cases; the only thing they are obsessed with is chasing after the politicians.
If I may ask, is getting a discount when buying a car organised crime? Is that organised crime? Is it organised crime if so and so is suspected of having wanted to bribe so and so? Is that organised crime? It's very clear here that someone had and has to be prosecuted at all costs. If I may ask you. How much has been spent by the Scorpions in their quest to prosecute the ANC President? And yet there is no one who is talking about those millions here. And sadly we do not know how they are aiming to benefit by chasing after this politician. How do they dare waste so much money just because they want to nail this politician?
Well, hon Minister, the new organisation which we are establishing, known as the Directorate of Priority Crime Investigation, the DPCI, will deal with criminals seriously and we will be using Operation Washa Tsotsi. And definitely the criminals will retreat, because there will be crime investigators who would have undergone training as prosecutors, yet work as investigators. And the time for the mixing of tasks, this mix-up, is no more. These investigators will be there with their expertise, but they will be operating as police and they will be accountable to the police.
Chairperson, I can now understand what the people said. I therefore say that the people said that there shall be peace, freedom and comfort in our country. The people said so in Kliptown in June 1955. Thank you, Chairperson.]