Sihlalo, angibonge ukuthola leli thuba. Thina laphaya eqenjini leNkatha yeNkululeko yeSizwe uma into ilungile, ilungile nayingalungile ayilunganga. Engingakusho ukuthi ukusukuma kwami lapha uma ngixhasa impela kulo mthetho ngithi le nyoka yezinhloko ezimbili ayihambe. Ngisho ngoba uyabona igundane nexoxo zahlala ziyizitha ngoba ixoxo lathi uma lifika emnyango basukuma bonke endlini balinqanda impela balilahlela ngaphandle. Kwaqhamuka igundane bagxuma bonke baliyeka, ixoxo lakhononda lathi ngoba mina angoni lutho igundane liyamosa. Yini indaba lona liyekwa lingene endlini?
Ngithi kuKhongolose impela seniyohlala nisinda ngoba uMongameli sathi uma siya kuye, wathi yebo kuhle uma ngabe nifuna ukuwuchitha lo mthetho, hlanganani nivumelane anginayo inkinga naloko ngoba wayesazi ukuthi uyagwinya.
Uyabona ngabe nikhala esikaNandi namhlanje, ngabe nikhala isimaye-maye. Nivume ngesikhathi esikahle ukuthi awuchithwe lo mthetho ngakho-ke seniyohlala nisinda. Nwele olude! awuhambe lo mthetho inyoka yezinhloko ezimbili kanjena-ke Sihlalo. Amasela abehamba nezihlalo angazange azivotelwa. [Ubuwelewele.] Nawe bewuzoshaywa bhasobha uhleli phezu kwelahle. Ithi enye inhloko yalo, ugcogcoma uzohlala futhi lapha phakathi uyisela, untshontshile. Uthi manje ukhulumela abantu asazi usakhulumela baphi abantu ngoba abantu bebevotele iqembu hhayi wena. Ngakho empeleni ukube likhona ibhokisi lomgcwabo ngabe ngiyaqiniseka ukuthi siyalithatha leli bhokisi silingcwaba manje sivuke kusasa selingcwatshiwe. Hamba kahle kugcogcoma kwamalunga. (Translation of isiZulu speech follows.)
[Mr M A MZIZI: Chairperson, thank you for this opportunity. In the Inkatha Freedom Party when something is right, then it is right and if it is wrong, it is wrong. What I can say is that I rise in support of repealing this law. I am saying this because a rat and a frog will always be enemies because, when a frog enters through the door, everyone in the house gets up, catches it and throws it outside. When a rat enters they all jump up, but they do not throw it out, which causes the frog to complain, because it does not cause any damage to the property, whereas the rat does. So why are they leaving it inside?
We are saying to the African National Congress that the President saved you, because when we went to him he said that it is okay if we want to repeal this law. We must meet and reach an agreement on this; he does not have a problem with it. He said this because he knew that his party was gaining more members.
You are crying foul today; you shouldn't be crying. You reached an agreement to repeal this law at the right time, thus saving your own skin. Hooray! Away with this two-headed snake, Chairperson. The thieves were defecting with the seats into which they were not voted. [Interjections.] You were also in for a very high jump; you must be careful. Another head says that you also crossed the floor and you are also seated here amongst us; you are a thief. You are now saying that you are speaking on behalf of the people, but we do not know which people you are talking about, because they voted for the party and not for you. If there was a coffin, I would make sure that we bury this law so that when we wake up the next day, it will be done. Goodbye, floor-crossing.]