Baba uThetjeng mhlawumbe ukuthi isiNgisi akulona ulimi lwami kungenzeka ngithe ngiyakhuluma wangangizwa kahle, kodwa-ke bengifuna ukucacisa kahle. Ngesikhathi kunikezelwa ngezimali ngenkathi yokuqembuka nezihlalo kubonakele ukuthi uma umuntu ehamba lapha uhamba nemali. Kube khona imali ephumayo eya kwelinye iqembu ngakho-ke kubonakele ukuthi akukuhle kahle.
Kukhona abanye abantu ikakhulukazi laba bantu ebebevula amaqembu abo amancane. Laba bantu bazithola sebephethe izigaxa zemali uvese ubone nje ukuthi phela ubusela lobu ngoba laba bantu badla bodwa futhi abafuni ukuphathwa. Umuntu usephuma lapha angene laphaya ukuze akwazi ukuzitholela imali futhi akwazi nokuphatha imali enkulu.
Abanye babo kutholakala ukuthi kuthi bengakaphenduli ngezimali abebezinikiwe, sebejombile sebeye kwenye inhlangano. Kusale ukuthi izimali abebenikezwe zona zenzanjani. Ngeke usabafica abasekho sebekwenye inhlangano.
Lokhu kusho ukuthi kuyasiza ukubakhona kukaKhongolose, kufanele amanye amaqembu akujabulele lokho. Mina ngiyaye ngithi bangisiza ekhaya bangizala ngakhulela kuKhongolose ngoba angazi ngisho nokuthi kubanjani uma ukwelinye iqembu. [Uhleko.]
Ngiye ngimbuke nje umuntu ehamba eqembuka nesitulo ngingazi noma kubuhlungu kodwa yena ehamba nje. Kodwa-ke manje ngibona sengathi aseyancipha lawo mathuba okuthi nani ngelinye ilanga nibe ngamalungu kaKhongolose njengoba usunqamuka lo mthetho.
Okubi kakhulu kithina malungu oMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe ukuthi beningakwazi ukubamba iqhaza mayelana nokuqembuka nezihlalo kodwa bekuncike kwabanye abantu ongabazi ukuthi bacabanga kanjani. Uthole ukuthi umuntu avele anqume ukuthi yena useyahamba bese kuvele kuthinteke nawe.
Kwaba buhlungu kabi lapha kukhona amalungu ahambayo kodwa kutholakala ukuthi futhi ahamba nje hhayi ngoba ethanda. Isibonelo nje abanye abantu esifundazweni banquma ukuthi bayahamba kwase kuthinteka ilungu elilapha sekufuneka nalo lihambe, liphelelwe yisikhathi. Okusho ukuthi kithina malungu oMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe ngibona sengathi lokhu kuphela kwalo mthetho wokuqembuka nezihlalo kusisizile. Sengigcina Sihlalo ngifisa ukusho ukuthi laba bantu abathi abantu abaqembukayo ngonondindwa, kungcono vese ukuthi bababize kanjalo ... [Ubuwelewele.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr Z C NTULI: Hon Thetjeng, maybe it is because English is not my home language, so it may happen that you misunderstood me, but in fact I simply wanted to give clarity. When the allocations were given to political parties during the floor-crossing period, it was discovered that if a person leaves a party, he leaves with the money. There would be an amount of money that would be paid to the party that is getting a new member and certain parties took a dim view of this.
Some people who had crossed the floor formed their own small parties. And they would find themselves carrying big chunks of money, and you would immediately realise that this is pure stealing, because this person is on his own and he does not want to be led. You would find them hopping from one party to the other, just because they knew that they would get money out of that and be able to carry a big chunk of money again.
Some of them simply jumped ship and crossed the floor again to another party, just before they could even give an account of the monies given to them. This would leave everybody in the dark as to what exactly happened to the monies that had been given to them. No one was able to make them account for the money, because they had crossed the floor again to another party.
This, therefore, means that the presence of the ANC helps, and the other parties should appreciate that. I always say that I am grateful to my parents, because I was born and bred in the ANC and I do not know what it feels like to be in another party. [Laughter.]
Sometimes I would simply watch in silence when a member crossed the floor and wonder how he felt, whether it was painful or not as he crossed the floor. Unfortunately the chances of you here becoming ANC members are getting very slim, since this law is now coming to an end.
What was even worse for us, as members of the National Council of Provinces, is that we were unable to control floor-crossing, and it all depended on other people, and we did not even know what they were thinking. A person would simply decide that he was leaving and you would be affected.
It was so sad at one stage here in the NCOP when there were members who left unwillingly. An example here was when members of the provincial legislature decided to cross the floor and the member in the NCOP was affected, and unfortunately the member had to leave, because that was the end of the term for the member. So this means that the scrapping of this law will help us, as members of the National Council of Provinces.
In conclusion, hon Chairperson, I want to say that those people who refer to the members who cross the floor as prostitutes would do better calling themselves exactly that ... [Interjections.]]