Ngiyabonga. Ilungu lichitha isikhathi sami. Mama uMchunu mina bengicabangela wena ukuthi uma bekuqhubeka lokhu kuqembuka wena ubuzohamba lapha [Uhleko.] Ngakho-ke malungu ahloniphelile ngiyabonga ukuthi lo mthetho sizovumelana ngawo ukuthi siwuqede.
Bengisathi kuyangimangaza kulaba bantu ababiza abanye ngonondindwa ngoba bethi abawufuni lo mthetho. Ngike ngezwa nobaba uvan Heerden laphaya ukuthi bona abayifuni le nto kodwa uthola ukuthi uma umuntu eza kubona akabizwa ngonondindwa ubizwa ngelungu elihloniphekile. Kusho ukuthi kusobala basika nganxanye njengommese. Ngiyabonga Sihlalo. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr Z C NTULI: Thank you. The hon member is just wasting my time. Madam Mchunu, I was just assisting you because, had the floor-crossing continued, you would have lost your seat here and left us. [Laughter.] I am therefore, hon members, very grateful that we all agree that this piece of legislation should be repealed.
I was still saying, I am pleasantly surprised by those people who call others prostitutes just because they say they do not want floor-crossing. I have also heard the hon van Heerden saying that they are against this thing, but you find that if a member crosses the floor to join them, they do not call that member a prostitute, instead they call him an hon member. Therefore, it is clear that they are two-faced. Thank you, Chairperson. [Applause.]]