Mhlonishwa Phini likaSomlomo, bengicela ukubuza kumhlonishwa uNgqongqoshe ukuthi ubani othatha isinqumo sokuthi isigebengu esithile kufanele singene siboshwe imilenze nezinyawo enkantolo? Ngabe nguMnyango wakho noma uMnyango Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo, kumbe nguMnyango wezobulungiswa? Ubani othatha isinqumo esinjalo ngoba kubonakala sengathi kukhona okufanele bakhulekwe imilenze nezinyawo uma beya laphaya? Kukhona abafana nalabo kodwa bona abangakhulekwa imilenze nezinyawo. Othatha lesi sinqumo kanti ubani ngempela? (Translation of isiZulu paragraph follows.) [Mr V B NDLOVU: Hon Madam Deputy Speaker, I would like to ask the hon Minister who takes the decision to say that a particular prisoner should appear in court in handcuffs and leg irons? Is it taken by your department or it is the Department of Correctional Services, or maybe the Department of Justice? Who makes such a decision, because it looks like there are those who should be in chains when they go to court only to find that they are not? Who really takes this decision?]