Sihlalo, le mpendulo kaNgqongqoshe ingiqeda amandla ngoba bengithi uma ethi kuzothatha isikhathi eside ukuthi bangatholi umbiko ofanele kodwa silinde nje, ngiphela amandla wena omkhulu. Okunye nje bathi ukwenganyelwa kwempahla yomnyango akuncomeki, ukukhipha izincwadi ezilawula ukugcinwa kwempahla kahulumeni akusebenzi kahle kanye nokuthenga izinto zomnyango nakho akukho emthethweni. Uma uNgqongqoshe engimhloniphayo ethi asilinde nje, ngizwa ngiphela amandla kodwa ngingathini. Angazi kodwa awuthi ngihlale phansi hleze angisize ngoba ngiphela amandla wena omkhulu. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraph follows.)
[Kgoshi M L MOKOENA: Chairperson, the Minister's response is very discouraging. When he says that it may take longer to get the relevant report and we must just wait, I am speechless. Another thing they say is that the management of the department assets is not up to scratch. Government bookkeeping and procurement is not up to scratch. If the hon Minister says we must just wait, I really am speechless but what can I say! Let me sit down and maybe he will help me understand. Thank you.]