Asikuvume lokhu ukuthi lengane njengoba bengike ngasho ngathi isencane kodwa yathi uma sekufanele ikhase kwangena isifo yase igula. Kwase kudinga ukuthi kwelashwe leso sifo njengoba senza lezi zichibiyelo namnlanje, ngokolimi lwabeziwe lokhu kwaziwa nge-amendemnt. Kuyabonakala-ke ukuthi lezi zichibiyelo zizosisiza mhlawumbe ukuthi lengane ikwazi ukusukuma igijime. Ngakho-ke i-IFP ithi, cha, ake siyinike ithuba lengane icathule bese sibona ukuthi izogijima na? Uma isigijima izozifeza izidingo na?
Bengingathanda kodwa uNgqongqoshe akathi ukuchaza laphayana kubagibeli abahlanganisa ukuhamba ngemoto eyodwa ukuya emsebenzini ukuthi awuzukusidalela izinkinga na ngenxa yemizila yamatekisi, ngoba iyonanto eyinkinga kubantu bamatekisi uma kuzoba khona abagibeli abazohlanganisa ukuhamba ngemoto eyodwa ukuya emsebenzini besebenzisa imizila yamatekisi. Nokho-ke ngithi, cha, unwele olude. Ake siyinike indlela lengane ihambe. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu speech follows.) [Mr M A MZIZI: Let us agree that this child, as I have said, is still small, and when he was supposed to start crawling, he contracted a disease and fell ill. Then, that disease had to be cured, which is why we are making these amendments today; what is called "amendments" in English. It is clear that these amendments will help so that this child can get up and run. Therefore, the IFP is of the view that we need to give this child the opportunity to crawl, and then see if he can run. Is he going to meet the set objectives when he is up and running?
I would, however, like the hon Minister to give clarity on whether the lift club that uses one vehicle to and from work is not going to cause problems for us because of taxi routes. The problem with taxi owners is that they will not allow lift club vehicles to use taxi routes. I wish to say: Long live! Let us give right of way to this child so that he can walk. [Applause.]]