House Chair, through you to the hon ...
... Mhlonishwa, selisuliwe-ke icala ebenginalo lagudlulwa nasemabhukwini kodwa uma sengiqashwa kuyatholakala ukuthi ngike ngathi ukuhamba iminyaka eyishumi nanhlanu,ngangazeka, ngaziwa yihhovisi lakho kuphela ukuthi ngikuphi. Kuyababulala laba ozama ukubahlumelelisa izimilo. Kungenziwa kanjani ukuthi bazame ukulungiseka ukuze izimboni zikwazi ukuthi zibathathe zibaqashe ngoba phela selisuliwe icala kubona? Yini manje emva kwalokho bazithole sebejeziswa ngento asebedlulile kuyona, necala eselisuliwe kubona. Uma selisuliwe laqedwa sengithola umsebenzi embonini esendaweni ethile ngiyasebenza bese livuka lima ogqokweni icala lami kanti selaphela laze lasulwa nasemabhukwini, kwenzeka kanjani lokho mhlonishwa?
UNGQONGQOSHE WEZOKUHLUNYELELISWA KWEZIMILO: Ngiyabonga Bab'uGatsheni. Mhlawumbe yingakho kubalulekile ukuthi umphakathi wonke ulekelelane kulolu hlelo olubizwa ngokuthi yi-Victim-Offender Community Dialogue ngoba phela kufanele umuntu owenze icala agwetshwe kodwa uma eseqedile isigwebo sakhe kufanele kube nendlela yokuthi sisonke simlekelele ukuthi abuyele emphakathini, emndenini wakhe kanye nakomakhelwane bakhe asebenze. Sinazo izingxoxo nabaqashi kodwa azisabalele ngendlela esiyifisayo ukuze abaqashi nabo bazi ukuthi umuntu osesidonsile isigwebo usesiqedile.
Abaningi mhlawumbe njengoba sizobona baphuma namakhono abakade bengenawo asebekwazi ukwenza izinto eziningi. Kuthiwe noma ukwazi ukwenza lokhu kodwa ... hhawu wenza ukuthi eminyakeni eyishumi noma eyishumi nambili eyedlule! Kufanele kube khona indlela yokuthi baphinde bamukeleke baphile nomphakathi, yinto-ke le ekhona emhlabeni wonke yokuthi sibakhona leso sisila esisalayo kodwa yikho lokho okufuneka sifundisane ngakho. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[... Minister, suppose one's criminal record has been removed, but when one is applies for a job, one is found to have a period of 15 years of one's whereabouts unaccounted for and only the Department of Correctional Services has that information. That, then, becomes a disadvantage to the ex- offenders. How can we make them employable again without their criminal records hindering them? How does it happen that the criminal records of some ex-offenders reappear long after having been removed and when they are securely employed, hon Minister?