Sekela Somlomo, angibonge kakhulu izimpendulo zikaMhlonishwa uNgqongqoshe. Ngicabanga ukuthi izimpendulo zakho zichaza izindlela ozozenza ukwenza uHlelo lwemiSebenzi eyeNzelwa uMphakathi [EPWP] lukwazi ukusebenza ezindaweni zomasipala. Uvalo enginalo uma siyobheka ukuthi omasipala basebenza kanjani ufike uthole ukuthi bagqoke ama-ovaloli amasha okukhombisa ukuthi umsebenzi komasipala awenziwa.
Uma sikhuluma ngokuhlonyiswa kwabasebenzi ngamakhono amasha [Capacity building] sibona kuzoba lukhuni kakhulu noma kungeke kwenzeka kahle ngezizathu zokuthi ngisho umnyango awusebenzi ngoba yonke indawo lapha uhamba khona kukhalwa ngoMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi. Umbuzo okhona uthi: Yini le engenza ukuthi kungabizwa inhlabamkhosi yokuthi uhlakazwe lo mnyango, eminye yemisebenzi yawo inikezwe eminye iminyango? Ngiyabonga.
UNGQONGQOSHE WEZEMISEBENZI YOMPHAKATHI: Bab'uMatshana, okokuqala uma ubona ama-ovaloli amasha yingoba besizama ukuphendule izikhalazo zabasebenzi zokusebenze bengenazo izingubo zokugqoka. Kunezingubo ezithile okumele zigqokwe. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr K P SITHOLE: Deputy Speaker, I want to thank the hon Minister for his response. I think your replies detail your plans for the successful implementation of the Expanded Public Works Programme in municipalities. It worries me that when we undertake our oversight visits to municipalities we always find the workers wearing new overalls, which is a clear indication to me that no work gets done there.
I do not think it will be feasible to equip workers with new skills since the department itself is not getting any work done. Most people in the country are dissatisfied with the service rendered by the Department of Public Works. One question we should be asking ourselves is: Why can't we hold a referendum to dissolve this department and allocate its services to other departments? Thank you.