USEKELA NGQONGQOSHE WEZOKUTHUTHUKISWA KOMPHAKATHI: Ngiyabonga Sihlalo. Kwilungu elihloniphekile le-Cope, uBaba uKganare, kuyaphazamisa ukuthi uzwe ilungu elihloniphekile lenza sengathi i-Cope yiyona elwa nokukhwabanisa. Kuyaziwa-ke ukuthi i-ANC yiyona ngokwayo elwa nokukhwabanisa kuleli lizwe. Iphumele obala lapho kubonakala khona ukukhwabanisa. Sithi-ke umnyango uvulekile ukuthi sinikezwe imininingwane nakule ndaba yokukhwabanisa akhuluma ngayo uMnu uKganare, hhayi inzwabethi. Ngiyakholwa-ke ukuthi uzoyidlulisela eMnyangweni ofanele imininingwane ukuze sibone ukuthi kuyiqiniso yini loku okhuluma ngakho.