Somlomo, ngiyabonga. Mongameli sizibonile izingqinamba nezinkinga ezitholakale kulezi zifundazwe ezimbili esikhuluma ngazo namhlanje. Sikubonile futhi nokungenelela kukahulumeni ukuze lezi zingqinamba zikwazi ukuthi zixazululeke. Mongameli, omunye umbuzo wami ukuthi kuzo zonke izinkinga nokungenelela okubekhona, ngabe ziningi yini izifundo esizitholile kulezi zifundazwe ezimbili?
Mongameli, ngiyajabula ukuthi usukuphakamisile ukuthi kulezi zifundo ezitholakele siyazibuza ukuthi sizokwenza kanjani ukuthi sikwazi ukuvikela nakwezinye izifundazwe singayiboni inkinga efana nalena isiqhubekela phambili iya nakuzo.
Yingakho, Mongameli namhlanje ukhuluma ngokuthi ukhona umthetho ozoshaywa ukuthi ezinye zezifundazwe zizokwenza kanjani ukuthi zingangeni enkingeni efana nale. Ngicabanga ukuthi lokho Mongameli siyakujabulela futhi siyakwamukela ngezandla ezimbili. Nginesicelo nesiphakamiso, Mongameli sokuthi sengathi impela kungashesha kuthi nakwezinye izifundazwe ukuthi bawazi lo mthetho, bawuqonde ukuze ngempela singaziboni sesingene enkingeni efana nale yalezi zifundazwe ezimbili. Ngempela kuyawumisa umsebenzi uthole ukuthi kuningi ukukhubazeka okuba khona ekutheni intuthuko nemisebenzi iye ebantwini. Ngiyabonga kakhulu Mongameli.
UMONGAMELI WERIPHABHULIKHI YASENINGIZIMU AFIKA: Somlomo, kuyiqiniso impela ukuthi ukuvela kwalesi simo kulezi zifundazwe kusifundise lukhulu mayelana nokuthi ngempela ngempela kungenzeka ukuthi indlela izifundazwe eziphethwe ngayo kungaze kufinyelelwe ezingqinambeni ezilukhuni kakhulu kuze kudinge ukuthi uHulumeni kaZwelonke angenelele ukusizana nezifundazwe. Ngiyethemba ukuthi nezinye-ke izifundazwe ziyabuka futhi ziyafunda.
Okwesibili, njengoba sithe asingenelele manje ngokugunyazwa uMthethosisekelo, sifike safunda lukhulu ngokuthi noma uMthethosisekelo usho nje uthi kufanele uma kukhona lezi zinkinga ezifundazweni kungenelelwe kodwa bekufuneka ukuthi kwakhiwe izinhlelo zokuthi uma sekungenelelwa kuzokwenziwa kanjani na.
Yilokho esifike sabhekana nakho, sakufunda yingakho sesakha izinhlelo manje ukwenzela ukuthi nangelinye ilanga uma kuhlangatshezwana nezingqinamba ezinjengalezi, sesiyongenelela ngalo mthetho oqhamuka kuMthethosisekelo sibe sesazi ukuthi nazi izinhlelo. Sekuyoshesha ngoba sifunde lukhulu. Siyacabanga ukuthi nabanye bazofunda bangafuni kuze kungenelelwe. Ngiyabonga Somlomo. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.) [Ms N GINA: Thank you, hon Speaker. Hon President, we have seen obstacles and problems in the two provinces that we are talking about today. We have also seen the government's intervention with the hope of solving these problems. Hon President, my next question is that in all these interventions that took place, are there any lessons that have been learnt in these two provinces?
Hon President, I am pleased that you have already moved that with the lessons that were learnt in this situation, we must ask ourselves how we can prevent these sorts of problems from occurring in other provinces. That is why, hon President, today you speak of a law that will be passed that will give a directive to other provinces to prevent them from finding themselves in such situations. I think that we accept it and that we welcome it with both hands, hon President.
I have a request, hon President, and that is that said law be introduced quickly to other provinces, so that they should know about it, so that we do not find ourselves in the same situation as these two provinces. This situation really hinders progress, because you find that there are many obstacles that stand in the way of service delivery that is meant for the people. Thank you very much, hon President.