Ngiyabonga Somlomo, cha Mhlonishwa Mongameli, njengomuntu ophethe lapha ezweni [commander in chief]. Ziyeke lezi zinto othi awukazizwa. Ake sikhulume ngabantu abathi unawo umbiko abaqhamuka ehhovisi lakho. Okokuqala, uthini kubona labo bantu? [Uhleko.] Hhayi, ungakhulumi into ongayazi. Okwesibili, kwenziwa yini njalo duku duku kufakwe igama lakho kulezi zinto? Ngibuza wena Mongameli, bayeke laba ababanga umsindo baholela ukubanga umsindo. [Uhleko.]
UMONGAMELI WASENINGIZIMU AFRIKA: Somlomo, okokuqala nje, ngithi lo mbiko lungu elihloniphekile awukafiki phambi kwami. Angikwazi-ke ukuhamba ngijaha izithunzi noma ngijahe amahemuhemu. Uyabona yini ukuthi amahemuhemu angakanani kuleli lizwe? Ngingagijima ngize ngiphucuke izinyawo ngijahana namahemuhemu ngoba maningi aqhamuka emaphepheni ngayo yonke inhlobo yento le. Sengizogijima-ke nami, ngihambe ngithi la nangala sengathi ngiwuhlanya ngingelona.
Mina ngibhekana ngqo nemibiko ephambi kwami ngikhulume ngayo. Angikhulumi ngezinto ezishiwo ngabantu. Angazi ngoba abantu abadala akushiwo ukuthi baqamba amanga kodwa bayaphosisa abantu ngolimi olujwayelekile.[Uhleko.] Angikwazi ukulandela amaphosiso ashona ngapha nangaphaya. Angikwazi ukuphendula umbuzo ngento engithi ayikafiki kulezi zandla zami . Ukuthi yini abantu bathande njalo nje ukuphakamisa igama lami. Hhayi, angikwazi nami ukuwuphendula lowo mbuzo, kwazi bona ukuthi yini le ebenza bathande igama lami. Mhlawumbe limnandi - angazi. Mhlawumbe uma uthi Zuma kubhaleka kalula. Angazi nami, ngeke impela ngakuphendula lungu elihloniphekile. Ngiyabonga Somlomo. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Thank you, Speaker. No, hon President, as the commander in chief, forget about those things that you say you haven't heard about. Let's talk about the people from your office who claim that you have the report. Firstly, what do you say to those people? [Laughter.] [Interjections.] No, don't talk about something you don't know. Secondly, why is it that you are always implicated in these allegations? I'm asking you, President, to forget about those who are making a noise; that's what they get paid to do. [Laughter.]