Ngiyabonga Sekela likaSomlomo, mhlonishwa uNyambose bengicela ukubuza ukuthi kulezi zindawo okutholakala kuzona ukuthi intela ikhokhwa kakhulu ebe aziwa umuntu okukhokhwa kuyena kube kungafanele ukuthi kukhokhwe leyo ntela. Ngabe izobuya kanjani noma uzoboshwa yini lowo muntu eboshelwa ukuthi uyasigebenga ngokuthatha intela engafanele na?
UNGQONGQOSHE WAMAPHOYISA: Unzima lo mbuzo owubuzayo lungu elihloniphekile ukuthi izobuya kanjani imali. Uyabona lungu elihloniphekile ezinye zalezi zivumelwano ezikhona zindala kakhulu futhi abanye abantu bakhona abasekho. Yingakho nje noma uzwa kukhulunywa kakhulu ngezindaba zezivumelw ano zokuqashisa zamaphoyisa kukhulunywa ikakhulukazi ngabantu abamnyama. Izivumelwano zokuqashisa amaphoyisa zingaphezulu kwenkulungwane lungu elihloniphekile. Iningi lalezi zivumelwano ziphethwe ngabelungu kodwa akukaxoxwa ngakho kusazokwenziwa. Sizoyibheka nayo le ndaba ebikade ishiwo nguMfundisi ukuthi kukhona abantu abaqolayo ngokukhokhisa umphakathi. Nakho lokho kufuna sikubheke ngoba wonke umuntu phela owenza into engahambi kahle akufanele kubhekwe ukuthi unjani ebusweni. Kufanele kubhekwe ukuthi wenzani futhi ungubani. Lolu cwanin go esikhuluma ngalo lufanele lukuveze konke lokho ngoba uma lungakuvezi luyobe alusisizi entweni esifuna ukuyenza. Ngiyabonga kakhulu.[Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Deputy Speaker, hon Nyambose, I would like to know if there are any areas where it has been discovered that rent charges are excessive and it is known that the person to whom the rent is being paid is not the lawful landlord. How will that money be recovered? Or will that person be arrested for wrongfully taking the rent?